Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 2:30 - Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa, engakukhathaleli ukuphila kwakhe, ukuze agcwalise ukusilela kwenu ekungikhonzeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 ngokuba, ngenxa yomsebenzi kaKhristu, ucishe wafa edela impilo yakhe, ukuze agcwalise okusileleyo ekungisizeni kwenu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa, engakukhathaleli ukuphila kwakhe, ukuze agcwalise ukusilela kwenu ekungikhonzeni.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 2:30
15 Referans Kwoze  

Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana noFortunatu no-Akhayiku, ngokuba bakufezile ukusilela kwenu.


Kepha ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; enanaka ngakho, kepha anibanga nathuba.


Kepha akukho kwalokhu okunginyakazisayo, futhi ukuphila kwami angikuthathi njengokubalulekile kimi, ukuze ngiqede inkambo yami ngentokozo, nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ivangeli lomusa kaNkulunkulu.


Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu.


Mina-ke ngiyakuthokozela kakhulu ukusebenzisa nokusetshenziswa ngenxa yenu; lanxa nginithanda kakhulu, ngithandwa kancinyane.


Bona bamehlula ngegazi leWundlu langezwi lobufakazi babo; futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


ebengingathanda ukumbamba mina, ukuze esikhundleni sakho angisebenzele ezibopho zevangeli;


Ngokuba nempela wayegula esondela ekufeni, kepha uNkulunkulu wamhawukela; njalo kungeyisikho kuye yedwa, kodwa lakimi, ukuze ngingabi losizi phezu kosizi.


Yebo, noma nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke.


Kepha uma uThimothewu efika, bhekani ukuba abe kini engesabi, ngokuba usebenza umsebenzi weNkosi njengami.


Ngoba lokhu okubolayo kumele ukwembatha ukungaboli, lalokhu okufayo kumele ukwembatha ukungafi.


Ababeke phansi izintamo zabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.


Ngakho-ke kusebenza ukufa kithi, kodwa kinina ukuphila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite