Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 1:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Nalokhu ngiyakhuleka ukuba uthando lwenu luvame kakhulu ekwazini nasekuqondeni konke;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Ikakhulukazi ngikhulekela ukuba uthando lwenu lwande kakhulu, lujule ekwazini nasekuqondeni konke,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Nalokhu ngiyakhuleka ukuba uthando lwenu luvame kakhulu ekwazini nasekuqondeni konke;

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 1:9
19 Referans Kwoze  

Futhi iNkosi yenza ukuba nande futhi kuvame othandweni omunye komunye nakubo bonke, njengoba nje senza kini.


Ngalokho nathi, kusukela osukwini esakuzwa ngalo, asiphezi ukunikhulekela, nokunxusa ukuba nigcwaliswe ukwazi intando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda kokomoya;


ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nempumelelo ekwazini konke okuhle okukini kuKristu Jesu.


sembathe umuntu omusha, owenziwa musha ekwazini ngokomfanekiso walowo owamdalayo;


Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;


Ngakho-ke njengalokhu nivame kukho konke, ekukholweni, nasekukhulumeni, nasekwazini, nasekukhuthaleleni konke, nasothandweni lwenu kithi, bhekani ukuba nivame nakulo umusa.


Bazalwane, ningabi ngabantwana ngokuqonda, nokho ebubini nibe ngabantwana, kepha ekuqondeni nibe ngamadoda.


Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;


Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. Inkazimulo mayibe kuye manje kuze kube phakade. Amen.


Kodwa ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, labo abathi ngokujwayela ukuzwisisa, sebekufundise ukuhlukanisa okuhle lokubi.


Ngakho ningabi ngabangahlakaniphileyo, kodwa niqonde okuyintando yeNkosi.


Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube semini enkulu.


Ngakho siyanincenga, bazalwane, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, nivame kakhulu kanjalo.


Futhi olungileyo uyogcina indlela yakhe, futhi onezandla ezihlanzekile uyoba namandla futhi aqine.


Ngifundise ukwahlulela okuhle nokwazi, ngokuba ngiyakholwa imiyalo yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite