Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 1:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 UNkulunkulu ungufakazi wami ukuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngenxa yesihe sikaJesu Khristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 1:8
24 Referans Kwoze  

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, intokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa bami.


Ngokuba uNkulunkulu engimkhonza ngomoya wami evangelini leNdodana yakhe ungufakazi wami wokuthi angiphezi ukunikhumbula emikhulekweni yami;


Ngifisa kakhulu ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo;


Kanjalo njengoba besinilangazela, sathanda ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nemiphefumulo yethu uqobo, ngokuba nanithandeka kithi.


Ngikhuluma iqiniso kuKristu, angiqambi amanga, unembeza wami uyangifakazela ngoMoya oNgcwele;


U-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? ungumntwana othandekayo? ngokuba selokhu ngakhuluma kabi ngaye, ngisacabanga ngaye; ngakho-ke izibilini zami ziyakhathazeka ngaye; Impela ngiyakuba nomusa kuye, kusho uJehova.


Ngokuba ngithanda ukuba nazi ukuthi kungakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu, nangenxa yabaseLawodikeya, nabo bonke abangabubonanga ubuso bami enyameni;


Bantwanyana bami, engibuye ngibe nemihelo ngabo, uKristu aze abunjwe kini.


Kepha lokhu enginilobela khona, bhekani, phambi kukaNkulunkulu angiqambi amanga.


Uthando lwakhe ngani lukhulu kakhulu lapho ekhumbula ukulalela kwenu nonke, ukuthi namamukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela.


Anicindezelwe kithi, kodwa nixinekile ezibilinini zenu.


Ngomusa kaNkulunkulu wethu; okwasihambela ngalo ukuntwela kokusa okuvela phezulu.


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yakho engcwele neyenkazimulo yakho: iphi ukushisekela kwakho namandla akho, nomsindo wezibilini zakho nomusa wakho kimi na? babeboshiwe?


Ngalokho izibilini zami ziyakuzwakala njengensimbi kuMowabi, nezibilini zami kuze kube seKhiri-Hareshi.


Kepha onezinto zaleli zwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele ububele bakhe kuye, uthando lukaNkulunkulu luhlala kanjani kuye na?


Yebo, mzalwane, mangijabule ngawe eNkosini; uvuselele izinhliziyo zami eNkosini.


Ngokuba asizange sibe namazwi athophayo, njengokuba nazi, noma sifihle ukuhaha; UNkulunkulu ungufakazi:


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani izinhliziyo zesihe, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela;


Ngokuba ubenilangazelela nonke, edabukile, ngokuba nizwile ukuthi ubegula.


Ngakho uba kukhona induduzo kuKristu, uba kukhona induduzo yothando, uba kukhona inhlanganyelo kaMoya, uba kukhona isifuba lesihawu,


Ngokuba siyajabula, nxa thina sibuthakathaka, nina ninamandla;


Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini, nobufakazi bami buphakeme.


Ngokuba nina nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu Jesu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite