Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 1:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu:

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Manje ngimanqikanqika; nginesifiso sokumuka ngibe noKhristu, ngokuba yilokho okuhle kakhulu;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Ngokuba ngicindezelekile phakathi kokubili, nginesifiso sokumuka ngiyekuba noKristu; okuyinto engcono kakhulu:

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 1:23
24 Referans Kwoze  

Sinesibindi, ngithi, sithanda kakhulu ukuba kude nomzimba, sibe khona neNkosi.


Mina-ke, ngizabubona ubuso bakho ekulungeni; Ngiyokwaneliswa ekuvukeni kwami, ngomfanekiso wakho.


Ngase ngizwa izwi livela ezulwini, lithi kimi: Loba: Babusisiwe abafileyo abafele eNkosini kusukela manje. Yebo, usho uMoya, ukuze baphumule ekukhandlekeni kwabo; nemisebenzi yabo iyabalandela.


Bamkhanda ngamatshe uStefanu, ebiza uNkulunkulu, ethi: “Nkosi Jesu, yamukela umoya wami.


UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namuhla uzakuba nami eParadisi.


Ngokuba mina sengizanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile.


Baba, ngithanda ukuba labo onginike bona nabo babe nami lapho ngikhona; ukuze babone inkazimulo yami onginike yona, ngokuba wangithanda kungakasekelwa umhlaba.


Uma umuntu engikhonza, makangilandele; nalapho ngikhona, iyakuba khona nenceku yami; uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumdumisa yena.


Kodwa uNkulunkulu uzakhulula umphefumulo wami emandleni eHayidesi, ngoba yena uzangamukela. Sela.


Khona thina esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini, sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo siyakuba neNkosi njalo.


Futhi uma ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginemukele kimi; ukuze lapho ngikhona, libe khona lani.


Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; futhi yeka indlela engicindezelekile ngayo kuze kufezeke!


Ngalokho nathi siyambonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu elisebenzayo ngokweqiniso. Nakini enikholwayo.


Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.


Kodwa indoda okwakuphume kuyo amadimoni yamncenga ukuthi abe laye; kodwa uJesu wayimukisa, esithi.


Ngokuba niyakwazi, bazalwane, ukungena kwethu kini, ukuthi akubanga yize;


Anicindezelwe kithi, kodwa nixinekile ezibilinini zenu.


UDavida wasesithi kuGadi: Ngisosizini olukhulu; masiwele esandleni sikaJehova; ngokuba umusa wakhe mkhulu, mangingaweli esandleni somuntu.


Kodwa ukuhlala enyameni kuyadingeka kakhulu ngenxa yenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite