Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 3:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngoba abanye sebezwile bathukuthela, kodwa kakusibo bonke abaphuma eGibhithe ngoMozisi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Pho-ke yibaphi abezwayo bahlubuka na? Akusibo yini bonke abaphuma eGibhithe ngoMose na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Ngoba abanye sebezwile bathukuthela, kodwa kakusibo bonke abaphuma eGibhithe ngoMozisi.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 3:16
18 Referans Kwoze  

Bonke abantwana bakwa-Israyeli bakhonona ngoMose nango-Aroni, inhlangano yonke yathi kubo: “Sengathi nga safa ezweni laseGibhithe! noma ngabe uNkulunkulu usifele ogwadule!


Ngokuqinisekile aniyikungena ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukuba nihlale kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


Kodwa uJoshuwa, indodana kaNuni, omi phambi kwakho, nguyena oyakungena khona; mkhuthaze, ngokuba uyakwenza u-Israyeli adle ifa lalo.


Baphinda bona kakhulu kuye ngokuklolodela oPhezukonke ehlane.


Ngoba iNkosi yathi ngabo: Isibili bazafela enkangala. Akwasala muntu kubo, kuphela uKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune, ababephakathi kwamadoda ahamba ukuhlola izwe, babesaphila.


Kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela nokungilandela, ngiyakumyisa ezweni aya kulo; nenzalo yakhe iyakulidla.


Base bethi omunye komunye: “Asizibekele umbusi, sibuyele eGibithe.”


INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na?


Bamgcona kaningi ogwadule, bemenza lusizi ogwadule!


Futhi amaKhaledi alwa nalo muzi azofika awuthungele ngomlilo lo muzi awushise kanye nezindlu abanikela phezu kophahla lwazo impepho kuBhali futhi bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuze bangidlale.


Ngenxa yobubi babo ababenzayo ukungithuka, ngokuya bashisa impepho, bakhonza abanye onkulunkulu ababengabazi, bona, nina, nawoyihlo.


Ngokuba nangicunula ngemisebenzi yezandla zenu ngokushisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe enangena kulo ukuba nigogobale kulo, ukuba nizinqume, nibe yisiqalekiso nesihlamba phakathi kwazo zonke izizwe zomhlaba?


Ngakho-ke ngiyakunikhumbuza, noma benazi lokhu ngaphambili, ukuthi iNkosi, isisindise abantu ezweni laseGibithe, yabuye yabhubhisa abangakholwanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite