Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 3:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Bazalwane, qaphelani ukuba kungabi bikho nakoyedwa inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 3:12
37 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova, uthi: “Uqalekisiwe umuntu othemba kumuntu, enze inyama ibe yingalo yakhe, onhliziyo yakhe ifulathele uJehova.


Kodwa kabalalelanga, kababekanga izindlebe zabo, kodwa bahamba ngamacebo langemicabango yenhliziyo yabo embi, bahlehla, kabazange baqhubekele phambili.


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, nenhliziyo yonakele; ngubani ongakwazi?


Bathi: “Akukho themba, kepha siyakuhamba ngokwamacebo ethu, kube yilowo nalowo enze amacebo enhliziyo yakhe embi.”


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Ngakho-ke othi umile makaqaphele ukuba angawi.


Kepha olungileyo uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyikuthokoza ngaye.


Kodwa kabalalelanga, kababekanga izindlebe zabo, kodwa bahamba, ngulowo lalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngalokho ngiyakubehlisela onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuba bawenze; kodwa abazange.


nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;


Nina nenze okubi kunoyihlo; ngoba bhekani, nihamba, kube yilowo nalowo ngobubi benhliziyo yakhe embi, ukuze bangangilaleli.


Ngakho-ke ngaba lusizi ngaleso sizukulwane, ngathi: Bahlala beduka ezinhliziyweni zabo; futhi abazazi izindlela zami.


Qaphelani, nilinde, nikhuleke, ngokuba anazi ukuthi isikhathi sinini.


UJesu waphendula wathi kubo: Qaphelani ningadukiswa muntu.


Ngaleso sikhathi bayobiza iJerusalema ngokuthi isihlalo sobukhosi sikaJehova; zonke izizwe ziyakubuthelwa khona ngenxa yegama likaJehova eJerusalema; futhi ngeke besahamba ngobuqili benhliziyo yabo embi.


Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili; bangishiyile mina, mthombo wamanzi aphilayo, bazimbele imithombo, imithombo eqhekekileyo, engagcini manzi.


Ngokuba inzondo yabangenalwazi iyobabulala, nokunetha kweziwula kuyakubabhubhisa.


Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo.


Ukuqala kwezwi likaJehova ngoHoseya. UJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele isifebe nabantwana besifebe, ngokuba izwe lifebe kakhulu ngokusuka kuJehova.


Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angisukanga kuNkulunkulu wami ngobubi.


abathi kuNkulunkulu: “Suka kithi; uSomandla angabenzelani na?


Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga amagatsha emvelo, funa akuyeke nawe.


Wathi: “Xwayani ningadukiswa; nesikhathi sisondele; ngakho-ke ningabalandeli.


Kepha qaphelani nina; bhekani, nginitshele konke ngaphambili.


USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


Ngakho bathi kuNkulunkulu: Suka kithi; ngoba kasifuni ukwazi izindlela zakho.


INkosi yezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuwuqalekisa umhlaba ngenxa yomuntu; ngokuba imicabango yenhliziyo yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; futhi angisayikuphinda ngishaye zonke izinto eziphilayo njengoba ngenzile.


ngokweqa uJehova, nokuqamba amanga, nokuhlubuka kuNkulunkulu wethu, nokukhuluma ukucindezela nokuhlubuka, nokukhuluma inkohliso namazwi angamanga asuka enhliziyweni.


Xwayani funa kube khona oniphanga ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize, ngokwesiko labantu, ngezifundiso zokucathula zezwe, kungengokukaKristu.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, eningabahlanganyeli bokubizwa kwasezulwini, cabangani ngomphostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu, uKristu Jesu;


Ngakho siyabona ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa.


Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?


Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.


ukuze ngifake indlu ka-Israyeli enhliziyweni yayo, ngokuba bonke behlukanisiwe nami ngezithombe zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite