Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 2:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 kodwa siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu, ebekiwe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kepha siyambona uJesu, owenziwa waba ngaphansana kwezingelosi isikhashana, esethweswe manje umqhele wenkazimulo nodumo, ngenxa yokuba wahlupheka waze wafa, ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yabo bonke.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Kepha siyambona owenziwe waba mncinyane isikhashana kunezingelosi, uJesu ethweswe umqhele wenkazimulo nodumo ngenxa yokuhlupheka kokufa; ukuze ngomusa kaNkulunkulu ezwe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 2:9
39 Referans Kwoze  

Bahlabelela isihlabelelo esisha, bethi: Ufanele ukuyithatha incwadi nokuvula izimpawu zayo, ngokuba wahlatshwa, wasihlengela uNkulunkulu ngegazi lakho abavela kuzo zonke izizwe, nezilimi, nabantu, isizwe;


yena uyinhlawulo yezono zethu, kungengezethu zodwa, kodwa nezono zezwe lonke.


Ngakho-ke njengalokhu ngesiphambeko esisodwa ukwahlulelwa kwehlela phezu kwabantu bonke, kube ngukulahlwa; ngokunjalo ngokulunga okukodwa isipho sesihle seza phezu kwabantu bonke kube yikulungisiswa kwempilo.


Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.


Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Futhi wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafela, wabuye wavuka.


Ngakho-ke esefika emhlabeni uthi: Umhlatshelo lomnikelo kawuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba;


Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa uthando lwakhe kithina ngokuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.


Mina-ke, uma ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.


Ngakho unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubakhulekela.


Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.


enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.


Ngoba wonke umphristi omkhulu umiselwa ukuthi anikele izipho lemihlatshelo;


owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi ngesikhathi esifaneleyo.


Ngokuba yena ongasazi isono wamenza isono esikhundleni sethu; ukuze senziwe ukulunga kukaNkulunkulu kuye.


Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, uyakuba kanjani ukuba angasiphi ngesihle kanye nayo na?


Kodwa kwathi ukuphelela kwesikhathi sekufikile, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazana, yazalwa ngaphansi komthetho.


UNkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, uNkulunkulu wawokhokho bethu, uyikhazimulisile iNdodana yakhe uJesu; enamkhaphela nina, namphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukumkhulula.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izakunika isibonakaliso; Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, iyibize ngokuthi u-Imanuweli.


Ngoba lokho umthetho owawungekwenze, ngoba ubuthakathaka ngenyama, uNkulunkulu ethuma eyakhe iNdodana ifana lenyama elesono, njalo ngenxa yesono, walahla isono enyameni;


Ngakho uBaba uyangithanda, ngokuba mina ngidela ukuphila kwami, ukuze ngibuye ngikuthabathe.


Base bethi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni. U-Abrahama ufile, nabaprofethi; wena-ke uthi: Uba umuntu egcina ilizwi lami, kasoze ezwe ukufa laphakade.


Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze bayibone iNdodana yomuntu iza embusweni wayo.”


Amehlo akhe enjengelangabi lomlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; wayelebizo elilotshiweyo elalingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe.


Wamenza waba mncinyane kunezingelosi; wamthwesa umqhele wenkazimulo nodumo, wammisa phezu kwemisebenzi yezandla zakho;


Kodwa ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemiyo lapha, abangayikukuzwa ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu.


Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Bakhona abanye kwabemiyo lapha abangayikuzwa nokufa, baze bawubone umbuso kaNkulunkulu ufika ngamandla.


Nizikhathazelani ngesambatho na? Cabangani ngeminduze yasendle, ukuthi imila kanjani; azikhandleki, aziphothi;


Kuyakuphuma intonga esizweni sakwaJese, kuhlume ihlumela ezimpandeni zakhe;


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akubona ukufa naphakade.


Ukuthandile ukulunga, wazonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.


Ngokukholwa u-Enoke wasuswa, ukuze angaboni ukufa; akafunyanwanga, ngokuba uNkulunkulu wayemthathile;


sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite