Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 13:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yesono, zishiswa ngaphandle kwekamu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu*.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Izidumbu zezilwane igazi lazo elingeniswa ngumphristi omkhulu endaweni engcwele, zikhishelwa ngaphandle kwenkambu ngenxa yezono.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yesono, zishiswa ngaphandle kwekamu.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 13:11
13 Referans Kwoze  

Inkunzi yomnikelo wesono nembuzi yomnikelo wesono okugazi lazo langeniswa ukuze kwenziwe isihlawulelo endlini engcwele, kumelwe akukhiphele ngaphandle kwekamu; bashise izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo ngomlilo.


Kodwa inyama yenkunzi nesikhumba sayo nomswani wayo kumelwe ukushise ngomlilo ngaphandle kwekamu; kungumnikelo wesono.


Kumelwe ulinike u-Eleyazare umpristi, ukuze amkhiphele ngaphandle kwekamu, futhi othile kumelwe alibulale phambi kobuso bakhe.


Wakushisa inyama nesikhumba ngomlilo ngaphandle kwekamu.


“Kepha akukho mnikelo wesono, igazi lawo elingeniswa etendeni lokuhlangana ukwenza ukubuyisana ngawo endaweni engcwele, awuyikudliwa; kumelwe ishiswe ngomlilo.


Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye, wagcobhoza umunwe wakhe egazini, walifafaza ezimpondweni ze-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare.


Umpristi kumelwe ahlanze izingubo zakhe futhi ageze umzimba wakhe ngamanzi, ngemva kwalokho angene ekamu, umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Kumelwe uthathe inkunzi yomnikelo wesono, uyishise endaweni emisiwe yendlu, ngaphandle kwendlu engcwele.


Kumelwe akhumule izingubo zakhe agqoke ezinye izingubo, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu endaweni ehlanzekile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite