Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 12:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 ozwi lakhe ngalesosikhathi lazamazamisa umhlaba, kodwa khathesi uthembisile, esithi: Ngisezakuba kanye futhi, kungeyisikho umhlaba wodwa, kodwa lezulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kepha manje uthembisile wathi: “Kusezakuba kanye ngizamazamise kungabi ngumhlaba wodwa, kepha nezulu futhi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Ozwi lakhe lanyakazisa umhlaba ngaleso sikhathi, kodwa manje wethembisile, wathi: “Ngisazophinda ngizamazamise, hhayi umhlaba kuphela, kodwa nezulu ngokunjalo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 ozwi lakhe ngalesosikhathi lazamazamisa umhlaba, kodwa khathesi uthembisile, esithi: Ngisezakuba kanye futhi, kungeyisikho umhlaba wodwa, kodwa lezulu.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 12:26
12 Referans Kwoze  

Ngakho ngiyozamazamisa izulu, futhi umhlaba uyonyakaza usuke endaweni yawo ngentukuthelo kaJehova Sebawoti nangosuku lolaka lwakhe.


Intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo esemlilweni; umusi walo wenyuka njengomusi wesithando, nentaba yonke yazamazama kakhulu.


INkosi izabhonga iseZiyoni, iphakamise ilizwi layo iseJerusalema; kuyakuzamazama izulu nomhlaba, kepha uJehova uyakuba yithemba labantu bakhe nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.


Bayongena emihumeni yamadwala nasemihumeni yomhlaba ngenxa yokwesaba uJehova nangenxa yodumo lobukhosi bakhe, lapho esukuma ukuze unyakazise umhlaba.


Lelilizwi elithi: Kusezakuba kanye, litshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuthi okwenziwayo, ukuze kuhlale okunganyikinywayo.


Izintaba zakubona, zathuthumela; isikhukhula samanzi sadlula; uZamcolo waphakamisa izwi lakhe, waphakamisa izandla zakhe phezulu.


Ngiyakugumbuqela isihlalo sobukhosi semibuso, ngichithe amandla emibuso yezizwe; ngiyakugumbuqela izinqola nabagibele kuzo; amahhashi nabagibeli bawo bayokwehla, kube yilowo nalowo ngenkemba yomfowabo.


Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri, ekukhuphukeni kwakho ezweni lakwa-Edomi, umhlaba wazamazama, nezulu laconsa, namafu aconsa amanzi.


Ngokuba njengalokhu izulu elisha nomhlaba omusha engiyakuwenza kuyakuma phambi kwami, usho uJehova, kanjalo kuyakuma inzalo yenu negama lenu.


Khuluma kuZerubabele, umbusi wakoJuda, uthi: Ngizazamazamisa izulu lomhlaba;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite