Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 11:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 11:7
41 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama kufikile phambi kobuso bami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabo; futhi bheka, ngizobabhubhisa kanye nomhlaba.


Eyayingalaleli ngesinye isikhathi, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kulindile ezinsukwini zikaNowa, kusakhiwa umkhumbi, okwasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi, imiphefumulo eyisishiyagalombili.


Ngisho noma la madoda amathathu, uNowa, uDaniyeli noJobe, ebekhona kulo, ayeyosindisa umphefumulo wawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.


Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asifikanga ku-Abrahama nenzalo yakhe ngomthetho, kodwa ngokulunga kokukholwa.


Njengoba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.


njalo ngifunyanwe kuye, ngingelakho okwami ukulunga okuvela emthethweni, kodwa lokho okungokholo lukaKristu, ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa;


Ngokuba thina ngoMoya silindele ithemba lokulunga ngokukholwa.


Noma uNowa noDaniyeli noJobe babephakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, abayikusindisa indodana noma indodakazi; kodwa bazahlenga imiphefumulo yabo ngokulunga kwabo.


Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;


Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko;


Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwembulwa kulo, kuvela ekukholweni kuye ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: Olungileyo uyakuphila ngokukholwa.


Kodwa kwathi ebona abanengi babaFarisi labaSadusi besiza ekubhabhathizeni kwakhe, wathi kubo: Nzalo yezinyoka, ngubani olixwayisile ukubalekela ulaka oluzayo?


Umuntu ohlakaniphileyo ubona okubi, akufihle; kodwa abangenalwazi baya phambili futhi bayajeziswa.


Zonke izidalwa eziphilayo ezazisemhlabeni zabhujiswa, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; futhi zabhujiswa emhlabeni, kwasala uNowa kuphela nalabo ababenaye emkhunjini.


Okwathi ngalo umhlaba owawukhona, ugcwele amanzi, wabhubha;


futhi engaliyekanga izwe elidala, kodwa wamsindisa uNowa umshumayeli wokulunga, eletha uzamcolo ezweni labangamesabi uNkulunkulu;


USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu:


Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo.


Kepha ukulunga okungokukholwa kusho kanje: “Ungasho enhliziyweni yakho ukuthi: ‘Ngubani oyakwenyukela ezulwini na? (okungukuthi, ukwehlisa uKristu ezulwini:)


Wasesemukela isibonakaliso sokusoka, uphawu lokulunga kokukholwa ayelakho engakasoki, ukuze abe nguyise wabo bonke abakholwayo lanxa bengasokile; ukuze ukulunga kubalelwe nakubo;


Ngokuba njengasezinsukwini zangaphambi kukazamcolo babedla, bephuza, beshada, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini,


Bhekani, nginitshelile ngaphambili.


ULoti wasephuma, wakhuluma kubakhwenyana bakhe ababethethe amadodakazi akhe, wathi: Sukani, lisuke kulindawo; ngoba iNkosi izawuchitha lumuzi. Kodwa wayebukeka njengomuntu ogcona abakhwenyana bakhe.


UNowa wenza njengalokho uJehova emyalile.


Lezi ziyizizukulwane zikaNowa: UNowa wayeyindoda elungile, engenasici esizukulwaneni sakhe; uNowa wahamba noNkulunkulu.


Ngakho siyakuthini? Ukuthi abezizwe ababengadingisisi ukulunga, sebekutholile ukulunga, ukulunga okuvela ekukholweni.


Umuntu ohlakaniphileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi bayaqhubeka, bajeziswe.


Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;)


Phuma emkhunjini, wena nomkakho namadodana akho nabafazi bamadodana akho kanye nawe.


Wenza ke uNowa; njengakho konke uNkulunkulu amyale ngakho, wenze njalo.


Wezwa ukukhala kwecilongo, akaxwayisanga; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe. Kepha omxwayisayo uyakusindisa umphefumulo wakhe.


Kwathi sezixwayisiwe nguNkulunkulu ephutsheni ukuthi zingabuyeli kuHerodi, zasuka zabuyela elizweni lakibo ngenye indlela.


abakhonza isibonelo nethunzi lezinto zasezulwini, njengalokho uMose eyalwa nguNkulunkulu esezakwenza itabernakele, ngokuba wathi: “Bheka ukuba wenze zonke izinto ngokomfanekiso owaboniswa wona entabeni.


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Wasuka kuye, wazivalela yena namadodana akhe umnyango, amlethela izitsha; waphoseka.


Ububi bakho bungalimaza onjengawe; nokulunga kwakho kungayizuzisa indodana yomuntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite