Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 11:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 kodwa-ke ngaphandle kokukholwa, kulukhuni ukumthokozisa, ngokuba lowo ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi uyabavuza labo abamfunayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 11:6
47 Referans Kwoze  

Ngiyabathanda abangithandayo; futhi labo abaNgifuna kusenesikhathi bayongithola.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.


Wena-ke, ndodana yami, Solomoni, yazi wena uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo langengqondo evumayo; ngokuba uJehova uhlola zonke izinhliziyo, uqonda yonke imicabango yemicabango; uma nimfuna, niyotholwa; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.


Kodwa funani kakhulu umbuso kaNkulunkulu; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.


Ngakufuna ngenhliziyo yami yonke; ungangivumeli ngiduke emiyalweni yakho.


Ngakho unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubakhulekela.


Pho-ke bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga kuye na? bayakukholwa kanjani kuye abangezwanga ngaye na? bayakuzwa kanjani kungekho mshumayeli na?


Xwayani, bazalwane, ukuba kungabikho kinina kini inhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa uNkulunkulu ophilayo.


Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngibeke ithemba lami eNkosini uJehova, ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Ngakho-ke yenzani inkuthalo yonke, nezeleni ubuhle ekukholweni kwenu; nasebuhleni ukwazi;


Ngakho lokhu kusasele ukuthi abanye bangene kulo, lalabo okwatshunyayelwa kubo kuqala kabangenanga ngenxa yokungakholwa;


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.


Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nilindele lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe kuye ninokuthula, ningenabala, ningenasici.


INkosi yasisithi kuMozisi: Koze kube nini lababantu bengidlala? Koze kube nini bengangikholwa ngenxa yazo zonke izibonakaliso engizenzile phakathi kwabo na?


Ngakho ngathi kini: Niya kufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, niyakufela ezonweni zenu.


Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu;


Ngokuba umthetho awuphelelisanga lutho, kepha kwangeniswa ithemba elingcono; esisondela ngayo kuNkulunkulu.


Kukho konke lokhu baqhubeka bona njalo kabakholwanga yimisebenzi yakhe yamandla.


Ngokuba ivangeli lashunyayelwa nakithi njengabo;


Omubi wenza umsebenzi wenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo omisiwe.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


INkosi yasisithi kuMozisi lakuAroni: Ngoba lingakholwanga kimi ukungingcwelisa phambi kwamehlo abantwana bakoIsrayeli, ngakho kaliyikungenisa lelibandla elizweni engilinika lona.


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lathi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho, nomvuzo wakho mkhulu kakhulu;


wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.


Lalezizibonakaliso zizakubalandela abakholwayo; Ngegama lami bayokhipha amademoni; bayakukhuluma ngezilimi ezintsha;


Khothamani nize kimi; lalelani, umphefumulo wenu uphile; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izihe eziqinile zikaDavide.


Inhloko ka-Efrayimi yiSamariya, nenhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, anisoze naqinisekiswa.


Ngakho omunye uyakuthi: Impela, kukhona umvuzo kwabalungileyo; impela unguNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.


Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke ningathembi lutho; umvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe-ngabantwana boPhezukonke, ngokuba yena unomusa kwabangabongiyo nababi.


Yebo, balidelela izwe elihle, abakholwanga yizwi lakhe.


Ngakho bathi kuNkulunkulu: Suka kithi; ngoba kasifuni ukwazi izindlela zakho.


Ngoba kabakholwanga kuNkulunkulu, kabathembanga ensindisweni yakhe;


UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, umvuzo opheleleyo uphiwe nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, othembele phansi kwamaphiko akhe.


Futhi nxa nizila ukudla, ningabi njengabazenzisi, ubuso obudangeleyo, ngokuba banyakamisa ubuso babo, ukuze babonakale kubantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasemakhoneni ezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: Sebewutholile umvuzo wabo.


O sizukulwane, bonani izwi likaJehova. Ngangiyihlane ku-Israyeli na? izwe lobumnyama? Ngalokho abantu bami bathi: “Singamakhosi; asisayikuza kini na?


Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele.


Kunjalo, Baba, ngokuba kube kuhle emehlweni akho kanjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite