Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 11:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 ethi ukuthukwa ngenxa kaKristu kuyimfuyo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 wabona ukuthi ukuthukwa ngenxa kaKhristu kuyinzuzo enkulu kunengcebo yaseGibhithe, ngokuba wayebheke umklomelo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 wathi ukuthukwa kukaKristu kuyingcebo enkulu kunengcebo yaseGibithe, ngokuba wayebheke umvuzo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 11:26
29 Referans Kwoze  

Kepha ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa, ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.


Ngakho-ke ningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu.


Ngiyakululeka ukuba uthenge kimi igolide elicwengisiswe emlilweni, ukuze ucebe; nezingubo ezimhlophe, ukuze wembathe, kungabonakali ihlazo lobunqunu bakho; nomuthi wamehlo uwugcobe amehlo akho, ukuze ubone.


Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe; ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu;


Ngokuba uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laqiniseka, nakho konke ukweqa nokungalaleli kuthola umvuzo ofanele;


njengabadabukileyo, kodwa abahlezi bethokoza; njengabampofu, kepha senza abaningi bacebe; njengabangenalutho, kanti sinezinto zonke.


Wena uyakubusiswa; ngokuba abanakukubuyisela, ngokuba uyakuvuzwa ekuvukeni kwabalungileyo.


Jabulani nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanandulele.


Mina engingomncinyane kunomncinyane kubo bonke abangcwele, ngiphiwe lomusa, ukuthi ngitshumayele phakathi kwabezizwe ingcebo kaKristu engaphenyisisekiyo;


Ngakho ngiyathokoza ebuthakathakeni, nasekuthukweni, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezelekeni ngenxa kaKristu, ngokuba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.


Okuncane anakho olungileyo kungcono kunenotho yababi abaningi.


behlolisisa ukuthi yisiphi, loba esinjani isikhathi uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngenhlupheko zikaKristu, lenkazimulo eyayiza kulandela.


Ngakho-ke masiphumele kuye ngaphandle kwekamu, sithwele ihlazo lakhe.


Enxa nje senziwe into ebukelwayo kokubili ngesihlamba nangezinhlupheko; futhi inxenye, naningaba ngabangane abasetshenziswayo.


Kodwa lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu.


Amehlo okuqonda kwakho akhanyiselwe; ukuze nazi ukuthi liyini ithemba lokubizwa kwakhe, nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kwabangcwele;


Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.


Owamukela umprofethi egameni lomprofethi uyakwamukela umvuzo womprofethi; nowamukela olungileyo ngokuba olungileyo uyakwamukela umvuzo wolungileyo.


Xwayani ukuba ukulunga kwenu ningakwenzi phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo; uma kungenjalo, aninamvuzo kuYihlo osezulwini.


Ngilaleleni nina enazi ukulunga, abantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; Ningakwesabi ukuthukwa kwabantu, ningesabi ukuthuka kwabo.


Ngokuba kukhona isiphetho impela; nethemba lakho aliyikunqunywa.


Omubi wenza umsebenzi wenkohliso, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo omisiwe.


Ihlazo laphula inhliziyo yami; futhi ngaba lusizi; nabaduduzi, kepha angibatholanga.


Ngokuba ngithwele ihlazo ngenxa yakho; amahloni amboza ubuso bami.


UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, umvuzo opheleleyo uphiwe nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, othembele phansi kwamaphiko akhe.


Ngiyayazi imisebenzi yakho, nosizi, nobumpofu, (kodwa ucebile) futhi ngiyakwazi nenhlamba yalabo abathi bangamaJuda, kanti bengesiwo, kodwa isinagoge likaSathane.


Kanjalo-ke, noma ubani kini ongashiyi konke anakho, angebe ngumfundi wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite