Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 11:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngakho-ke kwavela koyedwa, yena enjengosewafa, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngakho-ke koyedwa, owayesefana nonjengosewafa, kwavela abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngakho-ke kwazalwa ngoyedwa, yena engofileyo, abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, nangangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 11:12
22 Referans Kwoze  

Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;


Wathi wena: Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingenakubalwa ngenxa yobuningi.


Kodwa umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nokubalwa; nasendaweni lapho kwathiwa kubo: Anisibo abantu bami, kuyakuthiwa kubo: Ningabantwana bakaNkulunkulu ophilayo.


Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.


Wamkhiphela ngaphandle, wathi: “Bheka isibhakabhaka, ubale izinkanyezi, uma ungazibala; wathi kuye: Iyakuba njalo inzalo yakho.


Ngiyakwenza inzalo yakho yande ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yakho onke lawa mazwe; nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba;


Uyakuphuma ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, zibaqoqele ukulwa, isibalo sabo singangesihlabathi solwandle.


Ngokuba noma abantu bakho u-Israyeli babe ngangesihlabathi solwandle, nokho insali yabo iyakubuya;


Cabanga ngezinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, owazifunga kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngininike lonke leli zwe engakhuluma ngalo inzalo. Bayakulidla ifa kuze kube phakade.


Inzalo yakho yayingangesihlabathi, nenzalo yezibilini zakho njengamatshe aso; igama lakhe aliyikunqunywa, lingachithwa phambi kobuso bami.


Wandisa abantwana babo baba ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owathembisa ngalo oyise ukuthi bayakungena ukulidla.


Kepha uDavide akabalanga umumo wabaneminyaka engamashumi amabili nangaphansi, ngokuba uJehova wathi uyakwandisa u-Israyeli abe ngangezinkanyezi zezulu.


UJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, babedla, bephuza, bejabula.


Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi; nokuthi uziyele wena empini.


Wathi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami. Base bephendula bathi: “Ungufakazi.”


AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abantwana basempumalanga babelele esigodini njengesikhonyane ngobuningi; namakamela abo ayengenakubalwa ngangesihlabathi solwandle ngobuningi.


Base bephuma, bona nawo onke amabutho abo kanye nabo, abantu abaningi ngangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi.


Niyosala niyingcosana ngenani, nisebaningi njengezinkanyezi zezulu; ngoba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.


UJehova uNkulunkulu wenu unandisile; bhekani, namuhla ningangezinkanyezi zezulu ngobuningi.


UIsaya umemeza ngoIsrayeli, uthi: Lanxa umumo wabantwana bakoIsrayeli ungangesihlabathi solwandle, insali izasindiswa;


Bonke bayakuza ngobudlova; ubuso babo buyomunca njengomoya wasempumalanga, futhi bayobutha abadingisiwe njengesihlabathi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite