Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 11:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kungukuqiniseka ngezinto ezingabonwayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 11:1
24 Referans Kwoze  

(Ngoba sihamba ngokukholwa, hatshi ngokubona;)


Thina singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo, ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana; kodwa okungabonwayo kungokwaphakade.


Ngokukholwa uNowa, exwayisiwe nguNkulunkulu ngezinto ebezingakabonwa, ngokwesaba wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe; ngalo walahla umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okungokukholwa.


Masisondele ngenhliziyo eqinisileyo, sinesiqinisekiso esigcwele sokukholwa, izinhliziyo zethu zifafaziwe kunembeza omubi, nemizimba yethu igeziwe ngamanzi acwebileyo.


Ngaphela amandla, ngaphandle kokuthi ngikholwe ukuthi ngizakubona okuhle kukaJehova elizweni labaphilayo.


Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.


Ukuze ningavilaphi, kodwa nilingise labo abathi ngokholo nangokubekezela badla ifa lezithembiso.


Kodwa thina asisibo abokuhlehlela emuva ekubhujisweni; kodwa kwabakholwayo kube ngukusindiswa komphefumulo.


Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami.


Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kodwa okukhulu kukho konke uthando.


Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.


Ngokuba senziwe abahlanganyeli bakaKristu, uma sibambelela ngokuqinile ekuqaleni kwethemba lethu kuze kube sekupheleni;


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.


Ngakho uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; bheka, sekuvele okusha.


USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kubo abazuze ukholo oluligugu olufana nolwethu ngokulunga kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu:


ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu, nokukholwa eNkosini yethu uJesu Kristu.


UPawulu, inceku kaNkulunkulu, nomphostoli kaJesu Kristu, ngokokholo lwabakhethiweyo bakaNkulunkulu, nokulazi iqiniso elingokokumesaba uNkulunkulu;


Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;


Lokho engikukhulumayo, angikukhulumi ngokweNkosi, kodwa kungathi ngobuwula kulokhu kuqiniseka kokuzibonga.


funa mhlawumbe uma abeMakedoniya beza kanye nami, banifumane ningakalungi, sijabhe thina (ukuba singasho nina) kulokhu kuziqhayisa ngakho.


Kodwa uKristu njengendodana phezu kwendlu yakhe; esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nokuzibonga kwethemba kuze kube sekupheleni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite