Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Singakuyeki ukuhlangana kwethu njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sigqugquzelane, ikakhulu njengokuba nilubona usuku lusondela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye; kodwa sikhuthazane, ikakhulu njengoba libona usuku lusondela.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:25
32 Referans Kwoze  

Babephikelela emfundisweni yabaphostoli, nasekuhlanganyeleni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemithandazweni.


Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.


Ngakho-ke duduzanani kanyekanye, nakhane, njengalokhu nisenza.


Kodwa khuthazanani insuku zonke, kusathiwa Namuhla; hlezi kube khona kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono.


Asicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle;


Egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, nxa nibuthene nomoya wami namandla eNkosi yethu uJesu Kristu,


Ngakho duduzanani ngalawamazwi.


Selufikile usuku lwePhentekoste, babendawonye bonke nganhliziyonye.


Ngosuku lokuqala lweviki, sebebuthene ukuthi bahlephule isinkwa, uPawuli watshumayela kubo, elungele ukusuka ngakusasa; waqhuba inkulumo yakhe kwaze kwaba phakathi kobusuku.


Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokuyala, nokududuza.


noma owalayo, ekuyaleni; obusa ngenkuthalo; ohawukelayo, makehle ngokwenama.


Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze.


INkosi ayilibali ngesithembiso sayo, njengalokhu abanye bathi ukulibala; kodwa uyasibekezelela, engathandi ukuthi kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.


Bekezelani nani; niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele.


Ngakho-ke uma ibandla lonke libuthene ndawonye, bakhulume bonke ngezilimi, bese kungena abangafundile noma abangakholwayo, abazukusho yini ukuthi niyahlanya na?


Laba yibo abazahlukanisayo, abenyama, abangenaye uMoya.


Ngakho-ke, bathandekayo, njengokuba nilindele lezo zinto, khuthalelani ukuba nifunyanwe kuye ninokuthula, ningenabala, ningenasici.


Kepha ukuphela kwakho konke sekusondele;


Ngakho njengoba zonke lezi zinto zizancibilika, kufanele libe ngabantu abanjani ekuhambeni konke okungcwele lokumesaba uNkulunkulu?


Ngakho nxa nibuthana endaweni eyodwa, lokhu akusikho ukudla isidlo seNkosi;


Umsebenzi walowo nalowo uyakubonakaliswa, ngokuba usuku luyakuwudalula, ngokuba uyakwambulwa ngomlilo; nomsebenzi walowo nalowo umlilo uyakuvivinya ukuthi unjani.


Kwasekusithi siyakukhuleka, intombazana ethile eyayilomoya wokubhula yasihlangabeza, eyayizuzela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.


Ngiqinisile ngithi kini: Kuyakuba ngcono kulo izwe laseSodoma nelaseGomora ngosuku lokwahlulelwa kunakulowo muzi.


Ongalayo, engawamukeli amazwi ami, unomahlulelayo;


Ngokuba kuseyisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala.


Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nilibekezelele izwi lesikhuthazo, ngokuba nginilobele ngamafuphi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite