Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Futhi wonke umphristi umi insuku ngensuku ekhonza njalo enikela kanengi yona leyomihlatshelo engeke yakwazi ukususa izono.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Yilowo nalowo mphristi uyama ekhonza imihla ngemihla, enikela engaphezi ngayo leyo mihlatshelo engakwazi ukususa izono.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Futhi wonke umphristi umi insuku ngensuku ekhonza njalo enikela kanengi yona leyomihlatshelo engeke yakwazi ukususa izono.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:11
21 Referans Kwoze  

Ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.


Ngokuba wonke umpristi omkhulu othathwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;


Uthi kubo: Lona ngumnikelo womlilo eniyakuwuletha kuJehova; amawundlu aneminyaka emibili ubudala usuku nosuku angenasici njengomnikelo oshiswa imihla yonke.


ongadingi insuku ngensuku njengabapristi abakhulu ukuthi anikele imihlatshelo kuqala ngezakhe izono, andukuba ezezabantu;


Buyini ubuningi bemihlatshelo yenu kimi na? usho uJehova, uthi: “Ngigcwele iminikelo yokushiswa yezinqama namanoni ezinkomo ezikhuluphalisiweyo; futhi angithokozi ngegazi lezinkunzi nelewundlu noma lezimbuzi.


Ngokuba umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo.


Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo wemihla ngemihla, nokumiswa kwesinengiso esichithayo, kuyakuba yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye.


Futhi izikhali ziyokuma eceleni kwakhe, futhi ziyongcolisa indlu engcwele yamandla, futhi zisuse umhlatshelo wezinsuku zonke, futhi ziyomisa isinengiso esenza incithakalo.


Futhi iyoqinisa isivumelwano nabaningi isonto elilodwa; futhi phakathi nesonto uyokwenza ukuba umhlatshelo nomnikelo wempuphu kuphele, futhi ngenxa yokwanda kwezinengiso uyokwenza kube ihlane kuze kube sekugcineni futhi uyothululwa phezu koyedwa.


Yebo, ngisakhuluma emkhulekweni, umuntu uGabriyeli engambona embonweni ekuqaleni, wandiza masinyane, wangithinta ngesikhathi somnikelo wakusihlwa.


Yebo, yaziphakamisa enduneni yebutho, yasuswa kuye umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yayo engcwele yaphonswa phansi.


Indawo engcwele yezwe iyakuba ngeyabapristi, izinceku zendlu engcwele, abasondela ukuyikhonza uJehova; izakuba yindawo yezindlu zabo, lendlu engcwele yendlu engcwele.


ngaphandle komnikelo wokushiswa wenyanga nomnikelo wawo wempuphu, nomnikelo oshiswa imihla yonke, nomnikelo wawo wempuphu, neminikelo yawo yokuphuzwa, njengokwesimiso sabo, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.


Ngalokho izinsuku zonke phakathi kwezinsuku eziyisikhombisa uyakulungisa inyama yomnikelo womlilo ibe yiphunga elimnandi kuJehova;


Nsuku zonke kumelwe ulungise inkunzi njengomnikelo wesono wokubuyisana; wolihlambulula i-altare, lapho ulenzela ukubuyisana, uligcobe ukuba ulingcwelise.


Ngiyakuza ngani phambi kukaJehova, ngikhothame phambi kukaNkulunkulu ophakeme? Ngiyakufika phambi kwakhe neminikelo yokushiswa namathole amnyaka munye na?


Isikhonzi sendlu engcwele, nesetabernakele eliqinisileyo elamiswa yiNkosi, kungengamuntu.


Ngoba uba ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumphristi, lokhu bakhona abapristi abanikela izipho ngokomlayo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite