Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 9:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wathi kuyo: “Hamba ugeze echibini laseSilowama,” okungukuthi ngokuhunyushwa oThunyiweyo. Wahamba-ke, wageza, weza ebona.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” igama elihunyushwa kuthiwe, oThunyiweyo. Yahamba-ke, yageza, yabuya isibona.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Wathi kuyo: “Hamba ugeze echibini laseSilowama,” okungukuthi ngokuhunyushwa oThunyiweyo. Wahamba-ke, wageza, weza ebona.

Gade chapit la Kopi




Johane 9:7
21 Referans Kwoze  

Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivulwe nezindlebe zabayizithulu.


Abanye kubo bathi: “Lo owavula amehlo empumputhe ubengekwenze yini ukuba nalo angafi na?


Waphendula wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenze udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Hamba echibini laseSilowama, ugeze;’ ngahamba ngageza, ngabona.


Ukuze uvule amehlo abo, basuke ebumnyameni, baye ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baye kuNkulunkulu, ukuze bamukele ukuthethelelwa kwezono, nefa phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.


Njengoba laba bantu bewalahla amanzi aseSilowama ageleza kancane futhi bajabule ngoResini nendodana kaRemaliya;


UJehova uvula amehlo ezimpumputhe; uJehova uyabavusa abathotshisiweyo; uJehova uthanda olungileyo.


Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babeyizoni kunabo bonke abantu abakhileyo eJerusalema na?


ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa etilongweni nabahlezi ebumnyameni etilongweni.


ISango Lomthombo lalilungiswa nguShaluni indodana kaKolihose, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walisibekela, wamisa izivalo zalo, nezihluthulelo zalo, nemigoqo yalo, nogange lwechibi laseSilowama ngasensimini yenkosi, kuze kufike ezitebhisini ezehla emzini kaDavide.


INkosi yasisithi kuye: Ngubani owenza umlomo womuntu? Ngubani owenza isimungulu noma isithulu noma obonayo noma oyimpumputhe? Anginayo iNkosi na?


Kodwa kwathi ukuphelela kwesikhathi sekufikile, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazana, yazalwa ngaphansi komthetho.


Ngoba lokho umthetho owawungekwenze, ngoba ubuthakathaka ngenyama, uNkulunkulu ethuma eyakhe iNdodana ifana lenyama elesono, njalo ngenxa yesono, walahla isono enyameni;


Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?


UJesu wasesithi: Mina ngizele ukwahlulela kulumhlaba, ukuze abangaboniyo babone; nokuthi ababonayo babe yizimpumputhe.


ukukhanya kokukhanyisa abezizwe, nenkazimulo yabantu bakho u-Israyeli.


Khipha izimpumputhe ezinamehlo nezithulu ezinezindlebe.


Amehlo alabo ababonayo ngeke afiphazwe, nezindlebe zabezwayo ziyolalela.


Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite