Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 9:35 - Contemporary Zulu Bible 2024

35 UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele ngaphandle; kwathi esemtholile wathi kuye: Wena uyakholwa yini eNdodaneni kaNkulunkulu?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele phandle; kwathi emfumana, wathi: “Uyakholwa yiNdodana kaNkulunkulu na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

35 UJesu wezwa ukuthi bayikhiphele ngaphandle. Kuthe lapho eyifumana, wathi: “Uyakholwa yini yiNdodana yomuntu na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

35 UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele ngaphandle; kwathi esemtholile wathi kuye: Wena uyakholwa yini eNdodaneni kaNkulunkulu?

Gade chapit la Kopi




Johane 9:35
32 Referans Kwoze  

Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


Lezi zinto nginilobele nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu; ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, nikholwe egameni leNdodana kaNkulunkulu.


Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?


Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Okholwa eNdodaneni kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe; ngoba engakholwanga ubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.


Ngubani onqoba izwe, uma kungesiye okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?


Ovumayo ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, uNkulunkulu uhlala kuye, naye kuNkulunkulu.


Kepha u-Isaya unesibindi esikhulu, uthi: “Ngafunyanwa yilabo ababengangifuni; ngabonakaliswa kwabangazange bangibuze.


futhi yabonakaliswa ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngamandla, ngomoya wobungcwele, ngokuvuka kwabafileyo;


Masinyane washumayela emasinagogeni ngoKristu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini; umthenwa wathi: Khangela, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?


UTomase waphendula, wathi kuye: Nkosi yami, Nkulunkulu wami.


Wathi kuye: Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu obezakuza emhlabeni.


Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


Ngasemuva uJesu wamfumana ethempelini, wathi kuye: “Bheka, ususindile;


Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.


Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi lo uyiNdodana kaNkulunkulu.


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu;


USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


Basebesiza ababesemkhunjini, bakhuleka kuye, besithi: Isibili wena uyiNdodana kaNkulunkulu.


Lapho ubaba nomame bangishiyile, uJehova uzongamukela.


Yangeni iNdodana, ukuze ingathukutheli, nibhubhe endleleni, uma intukuthelo yayo ivuka kancane. Babusisiwe bonke abamethembayo.


Mina ngizamemezela isinqumo: UJehova wathi kimi: Wena uyiNdodana yami; namuhla ngizalile.


Kwasekufika kuye umlingi wathi: Uba uyiNdodana kaNkulunkulu, yitsho ukuthi lawa matshe abe yizinkwa.


Abazali bakhe bakusho lokho, ngokuba besaba abaJuda, ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma umuntu ovuma ukuthi unguKristu, akhishwe esinagogeni.


Baphendula, bathi kuye: Wena wazalelwa ezonweni kanye, wena usifundisa yini? Basebemkhiphela phandle.


Ngakho-ke, uma ngifika, ngiyakukhumbula imisebenzi yakhe ayenzayo, ekhuluma kabi ngathi;


UFiliphu wasesithi: Uba ukholwa ngenhliziyo yakho yonke, kungenziwa. Wasephendula wathi: Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite