Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 9:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

31 Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, enza intando yakhe, uyamlalela lowo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni;

Gade chapit la Kopi




Johane 9:31
41 Referans Kwoze  

UJehova ukude nababi, kepha uyawuzwa umkhuleko wabalungileyo.


Uma nelula izandla zenu, ngiyakuwafihla amehlo ami kini; yebo, uma nikhuleka kakhulu, angiyikuzwa; izandla zakho zigcwele igazi.


Osusa indlebe yakhe ukuba angawulaleli umthetho, ngisho nomkhuleko wakhe uyisinengiso.


Bayakukhuleka kuJehova, kepha akayikubalalela; Ngaleso sikhathi uyobafihlela ubuso bakhe, ngoba benze okubi ngezenzo zabo.


Uzakwenza okufiswa ngabamesabayo; Futhi uyokuzwa ukukhala kwabo futhi abasindise.


Ngakho kwathi lapho ebiza, kodwa abezwanga; ngalokho bakhala, kepha angizwanga,” usho uJehova Sebawoti.


Ovala izindlebe zakhe ekukhaleni kompofu uyakukhala, kepha akayikuzwakala.


Uma bezila ukudla, angiyikuzwa ukukhala kwabo; futhi uma beletha umnikelo wokushiswa nomnikelo womlilo, angiyikujabulisa kubo; kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.


Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


Ngalokho nami ngiyakwenza ngokufutheka; iso lami aliyikuhawukela, angiyikuba nesihawu;


UJesu wathi kubo: Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngiqede umsebenzi wakhe.


Bakhala, kepha kwakungekho okhululayo: kuJehova, kepha akabaphendulanga.


Manje zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele umnikelo wokushiswa; inceku yami uJobe uyakunikhulekela; ngoba ngizathokoza ngaye, ukuze ngingenzi kini njengobuthutha benu, ngoba kalilungile njengokutsho kwenceku yami uJobe ngaMi.


Babiza khona, kepha akaphenduli, ngenxa yokuzidla kwababi.


Uma umuntu ethanda ukwenza intando yakhe, uzokwazi ngemfundiso ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela mina ngokwami.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangenakubaleka; futhi noma bebiza Kimi, ngeke ngibalalele.


Khona uyakubiza, uJehova aphendule; kufanele ubize, futhi uyothi: Nangu mina! Uma nisusa phakathi kwenu ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okuyize;


Ngifundise ukwenza intando yakho; ngoba wena unguNkulunkulu wami. Umoya wakho muhle; ngiholele ezweni lobuqotho.


Manje buyisela indoda leyo umkayo; ngokuba ungumprofethi, uyakunikhulekela, niphile.


Lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wamkhumbula u-Abrahama futhi wamkhipha uLoti phakathi nenkathi ephendukayo, lapho egumbuqela imizi uLoti ayehlala kuyo.


Ngalokho wathi uyakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ubengema phambi kwakhe esikhaleni ukuze anqande ulaka lwakhe, ukuze angababhubhisi.


OMose no-Aroni phakathi kwabapristi bakhe, noSamuweli phakathi kwababiza igama lakhe; bambiza uJehova, wabaphendula.


Ngiyathanda ukwenza intando yakho, Nkulunkulu wami; yebo, umthetho wakho usenhliziyweni yami.


Ngase ngithi: Bheka, ngiyeza (emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami) ukwenza intando yakho, Nkulunkulu.


Nabuya nakhala phambi kukaJehova; kepha uJehova akalilalelanga izwi lakho, akakuzwanga.


Ngempela uNkulunkulu kayikuzwa okuyize, njalo uSomandla kayikunanzelela.


Umuntu waphendula, wathi kubo: Kungani kulokhu kuyisimangaliso, ukuthi nina anazi lapho avela khona, nokho uvule amehlo ami.


Selokhu kwaqala akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe.


Kodwa ngiyazi lakhathesi ukuthi loba yini ongayicela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakunika.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite