Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 8:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Labo abakuzwayo belahlwa ngunembeza wabo, baphuma ngamunye ngamunye, beqalela kwabadala kwaze kwaba kwabokugcina; uJesu wasala yedwa, nowesifazane emi phakathi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Bathi ukuzwa lokho, baphuma ngamunye ngamunye, kuqala kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina. UJesu wasala yedwa nowesifazane emile khona lapho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Labo abakuzwayo belahlwa ngunembeza wabo, baphuma ngamunye ngamunye, beqalela kwabadala kwaze kwaba kwabokugcina; uJesu wasala yedwa, nowesifazane emi phakathi.

Gade chapit la Kopi




Johane 8:9
22 Referans Kwoze  

ababonakalisa umsebenzi womthetho olotshiwe ezinhliziyweni zabo, unembeza wabo ufakaza futhi, nemicabango yabo isolana noma ithethelelana;


Ngoba kanengi inhliziyo yakho iyazi ukuthi lawe ubathukile abanye.


Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi wazi zonke.


Wena othi ungafebi, uyaphinga na? wena onengwa yizithombe, uyakhonza yini?


UJesu wayeseselulama, engaboni muntu ngaphandle kowesifazane, wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? akakho okulahlileyo na?


Khona uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngiwukukhanya kwezwe;


Eseshilo lokho, bajabha bonke ababemelene naye;


Mabajabhe, baqedwe abamelene nomphefumulo wami; mabambozwe ihlazo nehlazo abafuna ukungilimaza.


Lezizinto wazenza, ngathula; ubucabanga ukuthi nginjengawe, kepha ngiyakukusola, ngikuyale phambi kwamehlo akho.


Mabame benamahloni kanyekanye, babe namahloni abafuna umphefumulo wami ukuwubhubhisa; mababuyiselwe emuva bajabhe abangifisela okubi.


Izulu lizakwambula ububi bakhe; futhi umhlaba uyomvukela.


Ukuthi ukunqoba kwababi kufitshane, intokozo yabazenzisi ngokomzuzwana nje?


Wathi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? uyeza kimi ukuze ukhumbule isono sami futhi ubulale indodana yami?


Inkosi yasisithi kuSimeyi: Wena uyakwazi konke okubi inhliziyo yakho ekwaziyo, owakwenza kubaba uDavida; ngalokho uJehova uyakwehlisela ububi bakho phezu kwekhanda lakho;


Kwathi kusesekuseni wabuye weza ethempelini, abantu bonke beza kuye; wahlala phansi wabafundisa.


Ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane obanjwe ephinga; sebemmise phakathi.


Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite