Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 8:59 - Contemporary Zulu Bible 2024

59 Base bedobha amatshe ukuba bamjikijele, kepha uJesu wacasha, waphuma ethempelini, edabula phakathi kwabo, wadlula kanjalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

59 Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

59 Base becosha amatshe ukuze bamkhande ngawo, kodwa uJesu wafihlakala kubo, waphuma ethempelini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

59 Base bedobha amatshe ukuba bamjikijele, kepha uJesu wacasha, waphuma ethempelini, edabula phakathi kwabo, wadlula kanjalo.

Gade chapit la Kopi




Johane 8:59
18 Referans Kwoze  

Abafundi bakhe bathi kuye: Rabi, abaJuda sebefuna ukukukhanda ngamatshe; futhi uya khona futhi?


Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, inhlangano yonke imkhande ngamatshe; kokubili umfokazi nowokuzalwa ezweni, lapho ehlambalaza iGama leNkosi, uyabulawa.


Basebememeza ngelizwi elikhulu, bavala izindlebe zabo, bagijimela kuye nganhliziyonye.


UPilatu wayesethi kubo: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini. Ngakho amaJuda athi kuye: Kakuvunyelwa kithi ukuthi sibulale umuntu.


Nisenokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. UJesu wakhuluma lokho, wamuka, wacasha kubo.


Ngakho uJesu akabange esahamba obala phakathi kwabaJuda; kepha wamuka lapho, waya ezweni eliseduze nehlane emzini othiwa i-Efrayimi, wahlala khona nabafundi bakhe.


Owaphulukisiweyo wayengazi ukuthi ungubani, ngokuba uJesu wayesesukile, kukhona isixuku kuleyo ndawo.


Asevuleka amehlo abo, bamazi; wasenyamalala emehlweni abo.


Amadoda ayesemnyango wendlu ashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, akhathala ngokuthola umnyango.


UDavide wacindezeleka kakhulu; ngoba abantu babekhuluma ukumkhanda ngamatshe, ngoba imiphefumulo yabantu bonke yayinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa ngoJehova uNkulunkulu wakhe.


Base bephuma abaFarisi, benza icebo ngaye lokuba bambhubhise.


Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite