Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 7:42 - Contemporary Zulu Bible 2024

42 Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uzavela enzalweni kaDavide, naseBetlehema, emzini kaDavide, na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uvela enzalweni kaDavide naseBetlehema, emzaneni lapho wayekhona uDavide na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

42 Awushongo yini umbhalo ukuthi uKhristu uvela olibeni lukaDavide naseBhethlehema, emzaneni ayehlala kuwo uDavide na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

42 Awushongo yini umbhalo ukuthi uKristu uzavela enzalweni kaDavide, naseBetlehema, emzini kaDavide, na?

Gade chapit la Kopi




Johane 7:42
17 Referans Kwoze  

Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.


Basebesithi kuye: EBetlehema laseJudiya, ngoba kulotshiwe kanje ngomprofethi ukuthi:


Laye uJosefa wakhuphuka eGalile emzini waseNazaretha, waya eJudiya, emzini kaDavide othiwa iBetlehema; (ngokuba wayengowendlu nozalo lukaDavide;)


Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuvusela uDavide iHlumela elilungileyo, kube yinkosi eyakubusa, ibe nempumelelo, yenze ukwahlulela nokulunga emhlabeni.


Ngokuba nizalelwe namuhla uMsindisi onguKristu iNkosi emzini kaDavide.


Incwadi yokuzalwa kukaJesu Kristu, indodana kaDavide, indodana ka-Abrahama.


Kuyakuphuma intonga esizweni sakwaJese, kuhlume ihlumela ezimpandeni zakhe;


UJehova wafunga kuDavide ngeqiniso; akayikuphenduka kukho; Esithelweni somzimba wakho ngiyakuhlala esihlalweni sakho sobukhosi.


UJehova wasesithi kuSamuweli: Koze kube nini ulilela uSawuli, mina ngimalile ukuthi abuse phezu kukaIsrayeli? Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe, ngiyakuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizilungisele inkosi phakathi kwamadodana akhe.


Ngiyakumisa inzalo yakho kuze kube phakade, ngakhe isihlalo sakho sobukhosi ezizukulwaneni ngezizukulwane. Sela.


Yasiphendula enye yezinceku, yathi: “Bheka, ngabona indodana kaJese waseBetlehema ehlakaniphileyo ekudlaleni, nendoda enamandla, neqhawe, ehlakaniphileyo emsebenzini, nenhle; futhi uJehova unaye.


Kodwa lo siyamazi lapho avela khona;


USawuli wasesithi kuye: Uyindodana kabani, nsizwa? UDavide wathi: “Ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBetlehema.”


USamuweli wenza njengokusho kukaJehova, wafika eBetlehema. Amalunga omuzi ethuthumela ekufikeni kwakhe, athi: “Uza ngokuthula na?


Nawe, Betlehema ezweni lakwaJuda, awusiye omncinyane phakathi kwezikhulu zakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe uMbusi oyakubusa abantu bami u-Israyeli.


uSalima, uyise wabaseBhetelehem, uHaref, uyise wabaseBhete-gadere.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite