Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 6:69 - Contemporary Zulu Bible 2024

69 Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

69 Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

69 Thina siyakholwa, futhi siyazi ukuthi Wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

69 Siyakholwa, siyazi ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.

Gade chapit la Kopi




Johane 6:69
18 Referans Kwoze  

Wathi kuye: Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu obezakuza emhlabeni.


Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na? UPetro waphendula wathi: UKristu kaNkulunkulu.


Wasesithi kubo: Lina-ke lithi ngingubani? UPetru waphendula, wathi kuye: “Wena unguKristu.


Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozalayo uyamthanda nalowo ozelwe nguye.


Siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda, ukuze simazi oqinisileyo, sikuye oweqiniso, eNdodaneni yakhe uJesu Kristu. Lona unguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Mayelana neNdodana yakhe uJesu Kristu iNkosi yethu, owavela enzalweni kaDavide ngokwenyama;


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


UTomase waphendula, wathi kuye: Nkosi yami, Nkulunkulu wami.


Yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.


Esithi: Ake siyeke; Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu.


USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini; umthenwa wathi: Khangela, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?


Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu;


Nina nisho ngaye uBaba amngcwelisayo, wamthuma ezweni, ukuthi: Uyahlambalaza; ngoba ngithe: Mina ngiyiNdodana kaNkulunkulu?


size sifike sonke ebunyeni bokukholwa, lobolwazi lweNdodana kaNkulunkulu, endodeni epheleleyo, esilinganisweni sobukhulu bokugcwala kukaKristu.


Thina siyalwazi, sakholwa wuthando uNkulunkulu analo kithina. UNkulunkulu uluthando; futhi ohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite