Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 6:57 - Contemporary Zulu Bible 2024

57 Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

57 Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

57 Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngaye, kanjalo nalowo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

57 Njengokuba uBaba ophilayo ungithumile, nami ngiphila ngoBaba, kanjalo ongidlayo, naye uyakuphila ngami.

Gade chapit la Kopi




Johane 6:57
19 Referans Kwoze  

Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Ngokuba njengalokhu uBaba enokuphila ngokwakhe; ngokunjalo uyiphile iNdodana ibe nokuphila kuyo;


ukuze bonke babe munye; njengalokhu wena, Baba, ukimi, nami ngikuwe, ukuze nabo babe munye kithi, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.


Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi, ukuthi uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni, ukuze siphile ngayo.


Ngoba uNkulunkulu kayithumanga iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi ilahle umhlaba; kodwa ukuze umhlaba usindiswe ngaye.


Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha siyakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu kini.


Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo kuKristu bonke bayakuphiliswa.


Kuseyisikhashana izwe lingabe lisangibona; kodwa nina niyangibona, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila.


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


USimoni Petru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.


Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe.


UJehova uyaphila; futhi libusisiwe idwala lami; futhi makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami.


Kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela ngoMoya ophakade engenasici kuNkulunkulu, liyakuhlambulula unembeza wenu emisebenzini efileyo, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo na?


UJesu waphendula, wathi kubo: “Lokhu kungumsebenzi kaNkulunkulu, ukuba nikholwe kuye amthumileyo.


Ngoba ngehle ezulwini, kungeyisikho ukuthi ngenze intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


Kanjalo kulotshiwe ukuthi: Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite