Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 6:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kodwa ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyonipha khona iNdodana yomuntu;

Gade chapit la Kopi




Johane 6:27
69 Referans Kwoze  

Nakani okwaphezulu, ningacabangi okusemhlabeni.


Nichithelani imali kukho okungesiso isinkwa na? nomshikashika wenu kulokho okunganelisi? Lalelani kahle Kimi, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; futhi mina ngizamvusa ngosuku lokucina.


Nokho isisekelo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu: INkosi iyabazi abangabayo. Futhi, Wonke obiza ibizo likaKristu kadede ebubini.


Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.


Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.


Mina ngizinika ukuphila okuphakade; azisoze zabhubha naphakade, akakho ongazihlwitha esandleni sami.


Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;


Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.


njengalokhu uyiphile amandla phezu kwenyama yonke, ukuze bonke omnike yona, ibaphe ukuphila okuphakade.


Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala konakalisa khona, nalapho amasela efohla khona, ebe;


Leso yisinkwa esehla ezulwini, kungenjengalokho oyihlo badla imana, bafa; odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.


Ngokuba wemukela kuNkulunkulu uBaba udumo nenkazimulo, lapho kufika kuye izwi elinjena, livela enkazimulweni yobukhosi, lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.


Ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe enhle.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Wonke umshikashika womuntu wenzelwa umlomo wakhe, kepha inkanuko ayisuthi.


Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka;


UMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngiyathokoza ngawe.


sikhumbula ngokungaphezi umsebenzi wenu wokholo, nomshikashika wothando, nokubekezela kwethemba eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu;


Nami ngiyakukhandlekela lokho, ngilwa ngokokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.


Owamukele ubufakazi bakhe ubeke uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.


Madoda akwa-Israyeli, yizwani lawa mazwi; UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phakathi kwenu ngemisebenzi yamandla, nangezimangaliso, nangezibonakaliso, uNkulunkulu azenza ngayo phakathi kwenu, njengokuba nazi nani ngokwenu;


USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.


Kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo;


Ngase ngithi: Bheka, ngiyeza; kulotshiwe ngami emqulwini:


Mina ngizamemezela isinqumo: UJehova wathi kimi: Wena uyiNdodana yami; namuhla ngizalile.


funa kube khona isifebe, noma ohlambalazayo, njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngokudla kanye.


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.


Ngakho-ke masikhuthalele ukungena kulokho kuphumula, funa kube khona owela esibonelweni esifanayo sokungakholwa.


zonke eziyakubhubha ngokusetshenziswa,) ngokwemiyalo nezifundiso zabantu?


Uma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.


Ukudla ngokwesisu, nesisu ngesokudla, kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili sona nakho. Kepha umzimba awusiwo owobufebe, kodwa ungoweNkosi; leNkosi ingeyomzimba.


Wasesemukela isibonakaliso sokusoka, uphawu lokulunga kokukholwa ayelakho engakasoki, ukuze abe nguyise wabo bonke abakholwayo lanxa bengasokile; ukuze ukulunga kubalelwe nakubo;


Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;


UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Mina bengisazi ukuthi uyangizwa njalo, kodwa ngenxa yexuku elibemi khona ngitshilo, ukuze bakholwe ukuthi wena ungithumile.


Mina ngingozifakazelayo, noBaba ongithumileyo uyafakaza ngami.


Kwase kuba khona ifu, labasithibeza, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo;


Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.


Esakhuluma, bheka, ifu elikhanyayo labasithibeza; bheka, kwavela izwi efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.


Bheka, kwavela izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.


Bheka, inceku yami engiyisekelayo; abakhethiweyo bami othokoza ngabo umphefumulo wami; ngibekile uMoya wami phezu kwakhe: uyakuletha ukwahlulela kwabezizwe.


Ngoba ilanga liyaphuma lilokushisa okutshisayo, kodwa libunisa utshani, lembali yabo iyawa, lobuhle besimo sabo bubhubha;


Thina singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo, ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana; kodwa okungabonwayo kungokwaphakade.


UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.


Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti ukuthi abantu bayakukhandleka emlilweni, abantu bazikhathaze kube yize, na?


Wozani nidle isinkwa sami, niphuze iwayini engilixubileyo.


Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.


ukuze yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi unokuphila okuphakade.


UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini.


Kuyini-ke nxa libona iNdodana yomuntu yenyukela lapho eyayikhona kuqala?


Futhi awuphesheya kolwandle ukuba nithi: ‘Ngubani oyakusiwela ulwandle asilethele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite