Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 6:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa nasutha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kepha ningifuna ngokuba nadla izinkwa, nasutha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa, nasutha.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa nasutha.

Gade chapit la Kopi




Johane 6:26
20 Referans Kwoze  

abakuphela kwabo kungukubhujiswa, abaNkulunkulu wabo uyisisu sabo, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abanaka izinto zasemhlabeni.


Ngokuba bonke bazifunela okwabo, kungengokukaJesu Kristu.


Beza kuwe njengokuza kwabantu, bahlale phambi kwakho njengabantu bami, bezwe amazwi akho, kepha bangawenzi; ngoba ngomlomo wabo batshengisa uthando olukhulu, kodwa inhliziyo yabo ilandela ukuhaha kwabo.


Imibango ehlanekezelayo yabantu abangqondo eyonakeleyo, abaswele iqiniso, bethi inzuzo ingukumesaba uNkulunkulu;


Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi.


Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibona izibonakaliso zakhe azenzayo kwabagulayo.


Ngoba inhliziyo yabo yayingaqondile kuye, futhi babengaqini esivumelwaneni sakhe.


Kwathi ixuku selibonile ukuthi uJesu labafundi bakhe kakho lapho, labafundi bakhe bangena emikhunjini, beza eKapenawume befuna uJesu.


UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.


Kodwa bakhona abanye kini abangakholwa. Ngokuba uJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi bangobani abangakholwa nokuthi ngubani oyakumkhaphela.


UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi unokuphila okuphakade.


Bathi kuye: “Pho, usenza isibonakaliso bani, ukuze sibone, sikholwe nguwe na? usebenzani?


Kwathi uJesu esazi ukuthi bazakuza ukumbamba ngamandla, bambeke inkosi, wabuya wasuka waya entabeni yena yedwa.


Khona labobantu sebesibonile isimangaliso uJesu asenzayo, bathi: Isibili lo nguye umprofethi obezakuza emhlabeni.


Kepha ngithe kini: Ningibonile nani, anikholwanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite