Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 5:28 - Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ningamangali ngalokho, ngokuba ihora liyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

28 “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa iphimbo layo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

28 Ningamangali ngalokho, ngokuba ihora liyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo;

Gade chapit la Kopi




Johane 5:28
19 Referans Kwoze  

Ngabona abafileyo, abancane nabakhulu, bemi phambi kukaNkulunkulu; izincwadi zavulwa, nenye incwadi yavulwa, eyincwadi yokuphila; abafileyo bahlulelwa ngalokho okulotshiwe ezincwadini njengokwemisebenzi yabo.


Abafileyo benu bayakuphila, kanye nezidumbu zami bayovuka. Vukani nihlabelele nina enihlala othulini, ngokuba amazolo enu anjengamazolo emifino, umhlaba ukhiphe abafileyo.


Oyakuguqula umzimba wethu odelelekile, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, namandla anamandla okuzehlisa ngawo zonke izinto ngaphansi kwakhe.


Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo kuKristu bonke bayakuphiliswa.


Ngizabahlenga emandleni eHayidese; ngiyakubakhulula ekufeni; Kufa, ngizakuba yinhlupho yakho;


Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: Nimelwe ukuzalwa ngokusha.


Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; uyakuyikhombisa nemisebenzi emikhulu kunale ukuba nimangale.


UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema.


UPetru ekubona waphendula abantu wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nimangala ngalokho na? Kumbe nisigqolozeleni ngokungathi ngamandla ethu nangobungcwele bethu senze lo ukuba ahambe na?


Abaningi kwabalele othulini lomhlaba bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ehlazweni nasekudelweni okuphakade.


Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu, abezwayo bayakuphila.


nginethemba kuNkulunkulu, abalibekayo nabo uqobo, lokuthi kuyakuba khona ukuvuka kwabafileyo, okwabalungileyo nabangalungile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite