Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 5:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu, abezwayo bayakuphila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isikhathi siyeza, sesifikile namanje, lapho abafileyo beyakulizwa iphimbo leNdodana kaNkulunkulu; abalizwayo bayakuphila.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu, abezwayo bayakuphila.

Gade chapit la Kopi




Johane 5:25
19 Referans Kwoze  

Ningamangali ngalokho, ngokuba ihora liyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo;


Ngakho uthi: Vuka wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.


Nalapho sasifile ezonweni, wasiphilisa kanye noKristu, (ngomusa nisindisiwe;)


Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.


Nakuyo ingelosi yebandla laseSardesi loba ukuthi: Nakhu akushoyo onawoMoya abayisikhombisa bakaNkulunkulu, nezinkanyezi eziyisikhombisa; Ngiyayazi imisebenzi yakho, ukuthi unegama lokuthi uyaphila, kanti ufile.


OngokaNkulunkulu uyawezwa amazwi kaNkulunkulu; ngalokho aniwezwa, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.


Nani enifile ezonweni zenu nokungasoki kwenyama yenu, uniphilise kanye naye, esenithethelele zonke iziphambeko;


Nani uniphilise enanifile ngeziphambeko nezono;


Ngakho sembelwa kanye naye ngokubhapathizelwa ekufeni, ukuze njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.


Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami.


Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise; ngokunjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.


Ngokuba le ndodana yami ibifile, isiyaphila futhi; ubelahlekile, usetholakele. Basebeqala ukujabula.


UJesu wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo;


UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema.


Bekufanele ukuthi sijabule sithokoze, ngokuba umfowenu lo ubefile, wabuye waphila; yayilahlekile, yafunyanwa.


UJesu wakhuluma lokho, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana yakho ikukhazimulise wena;


Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.


Ngakho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa bathi: “Lilukhuni leli zwi; ngubani ongakuzwa na?


Wabaphendula wathi: “Senginitshelile, kepha anezwa; nifunelani ukuzwa futhi na? nithanda ukuba ngabafundi bakhe nani na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite