Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 4:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 Kodwa wathi kubo: Mina ngilokudla engikudlayo lina elingakwaziyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Kepha wathi kubo: “Nginokudla engikudlayo eningakwaziyo nina.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Kodwa wathi kubo: Mina ngilokudla engikudlayo lina elingakwaziyo.

Gade chapit la Kopi




Johane 4:32
13 Referans Kwoze  

Angibuyanga emyalweni wezindebe zakhe; amazwi omlomo wakhe ngawenza ngaphezu kokudla kwami.


UJesu wathi kubo: Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngiqede umsebenzi wakhe.


Amnandi kangakanani amazwi akho emlonyeni wami! yebo, imnandi kunezinyosi emlonyeni wami.


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; izwi lakho laba yintokozo kimi nentokozo yenhliziyo yami, ngokuba igama lakho labizwa phezu kwami, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


Isisu somuntu sigcwele isithelo somlomo wakhe; uyakwaneliseka ngobuningi bezindebe zakhe.


Inhliziyo iyakwazi umunyu wayo; nomfokazi akamxubi nenjabulo yakhe.


Umphefumulo wami uyakusutha kungathi ngamanoni namafutha; umlomo wami uyakukudumisa ngezindebe ezithokozayo.


Imfihlo kaJehova ikulabo abamesabayo; futhi uyobazisa isivumelwano sakhe.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni; Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle imana elifihliweyo, ngimnike itshe elimhlophe, nasetsheni igama elisha elilotshiwe, elingaziwa muntu, kuphela owemukelayo.


Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’


Uyobona umshikashika womphefumulo wakhe, asuthe; ngokwazi kwakhe uyakuyenza inceku yami elungileyo ilunge kakhulu; ngokuba uyakuthwala ububi babo.


Kusenjalo abafundi bakhe bamncenga, besithi: Rabi, yidla.


Ngakho abafundi bakhulumisana besithi: Kambe ukhona omlethele ukudla?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite