Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 4:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo yena, nabantwana bakhe, nezinkomo zakhe, na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Kanti wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo, yena kanye namadodana akhe nemihlambi yakhe, na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngabe Wena umkhulu yini kunokhokho wethu uJakobe owasipha lo mthombo, waphuza kuwo, yena namadodana akhe nemihlambi yakhe na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Wena umkhulu yini kunobaba uJakobe owasinika lo mthombo, waphuza kuwo yena, nabantwana bakhe, nezinkomo zakhe, na?

Gade chapit la Kopi




Johane 4:12
8 Referans Kwoze  

Ngokuba lo ubalelwe inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu owakhileyo indlu enodumo olukhulu kunendlu.


Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.


Ingabe wena umkhulu kunobaba u-Abrahama osewafa na? nabaprofethi bafile; uzenza bani na?


Wayesefika emzini waseSamariya othiwa iSikhari, eduze nesiqephu sensimu uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.


UJesu waphendula wathi kuye: “Yilowo nalowo ophuza lawa manzi uyakubuye ome;


Okhokho bethu babekhonza kule ntaba; lina-ke lithi iseJerusalema indawo lapho abantu okumele bakhonze khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite