Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:3
32 Referans Kwoze  

Ngakho uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; bheka, sekuvele okusha.


Wonke ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono; ngokuba imbewu yakhe ihlezi kuye, angoni, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.


Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNkulunkulu, nalowo othanda ozalayo uyamthanda nalowo ozelwe nguye.


Kungengemisebenzi yokulunga esayenzayo thina, kodwa ngokwesihawu sakhe wasisindisa, ngesigezo sokuzalwa kutsha, nangokwenziwa basha ngoMoya oNgcwele;


Abazalwa kungengagazi, noma ngentando yenyama, noma ngentando yomuntu, kodwa nguNkulunkulu.


Uma nazi ukuthi ulungile, yazini ukuthi wonke owenza ukulunga uzelwe nguye.


Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, obuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo.


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho, kodwa isidalwa esisha.


Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni; kepha ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, omubi akamthinti.


okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.


Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo; ukuze bangaboni ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.


Nani uniphilise enanifile ngeziphambeko nezono;


Yizwani lokhu manje nina bantu abayiziwula eningenakuqonda; abanamehlo kodwa ababoni; abanezindlebe, bangezwa;


Ukukhanya kukhanya ebumnyameni; ubumnyama abukwamukelanga.


Kodwa uJehova akaninikanga inhliziyo yokubona namehlo okubona nezindlebe zokuzwa kuze kube namuhla.


Kepha ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kuhlanzekile, bese kuba-nokuthula, nokumnene, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle, akunabandlululo, nokungazenzisi.


Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakubona izulu livulekile, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.


UJesu waphendula wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.


Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekileyo noqinisile, isiqalo sokudaliweyo kukaNkulunkulu;


Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha; ngiyakukhipha inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.


Njalo futhi ngithi kini: Kulula ukuthi ikamela lingene ngentunja yenalithi, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.


Ngumuphi kulaba ababili owenza intando kayise na? Bathi kuye: Eyokuqala. UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Abathelisi nezifebe bangena phambi kwenu embusweni kaNkulunkulu.


Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe;


Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


UNikodima wathi kuye: Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?


Ngokuba konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite