Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 UJohane waphendula wathi: “Umuntu angemukeli lutho, uma engalunikwanga luvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 UJohane waphendula wathi: “Umuntu angelwamukele utho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 UJohane waphendula, wathi: “Umuntu angemukele lutho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 UJohane waphendula wathi: “Umuntu angemukeli lutho, uma engalunikwanga luvela ezulwini.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:27
27 Referans Kwoze  

Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Ngokuba ngubani okwenza uhluke komunye na? futhi yini onayo ongayamukelanga? manje uma wamukele, uzibongelani kungathi awukayamukeliswanga na?


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize; kodwa ngisebenze kakhulu kakhulu kunabo bonke;


UJehova wangithatha ngisalandela umhlambi, futhi uJehova wathi kimi: ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.


Enye wayinika amatalenta ayisihlanu, enye amabili, nenye elilodwa; yilowo nalowo ngokwamandla akhe; wahle wasuka wahamba.


Mina-ke, angijahanga ukuba ngumalusi ukuba ngikulandele; uyazi: okwadlula izindebe zami kwakuphambi kwakho.


Ngingakakubumbi esizalweni, ngakwazi; ungakaphumi esizalweni, ngakungcwelisa, ngakubeka umprofethi ezizweni.


Futhi kuyokwenzeka ukuthi udondolo lomuntu engiyomkhetha luyoqhakaza; ngizakwenza ukuthi kimi ukukhonona kwabantwana bakoIsrayeli abakhonona ngakho ngani.


Engamiselwa ngakho ukuthi ngibe ngumshumayeli nomphostoli (ngikhuluma iqiniso ngoKristu, angiqambi amanga), umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


Ubhapathizo lukaJohane lwavelaphi na? ezulwini noma kubantu na? Basebekhulumisana bodwa, besithi: Uba sisithi: Ezulwini; uzakuthi kithi: Pho, anikholwanga nguye ngani na?


Ngakho-ke silezipho ezehlukene ngokomusa esiwuphiweyo, noma ukuprofetha, asiprofethe ngokwesilinganiso sokukholwa;


Ngokuba iNdodana yomuntu injengomuntu owahambela kude, owashiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, kwaba yileyo naleyo umsebenzi wayo, yayala umlindisango ukuthi alinde.


UPawulu, umphostoli kaJesu Kristu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwayo kuKristu Jesu:


UPawuli umphostoli, ongaveli ebantwini, kungengomuntu, kodwa ngoJesu Kristu, loNkulunkulu uYise owamvusa kwabafileyo;


Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe.


Pho ungubani uPawulu, no-Apholo uyini, kodwa izikhonzi enakholwa ngazo, njengalokho iNkosi yamnika yilowo nalowo?


esamukele ngaye umusa nobuphostoli, kube ngukulalela ekukholweni phakathi kwezizwe zonke ngenxa yegama lakhe;


UPawulu, obizelwe ngentando kaNkulunkulu ukuba abe ngumphostoli kaJesu Kristu, noSostene umzalwane,


Wasesithi: Kungakho ngithe kini: Kakho ongeza kimi, ngaphandle kokuthi ukuphiwe nguBaba.


Abaningi beza kuye, bathi: “UJohane akenzanga sibonakaliso, kepha konke uJohane akushoyo ngalo muntu kwakuyiqiniso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite