Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:18 - Contemporary Zulu Bible 2024

18 Okholwa yiyo akalahlwa, kepha ongakholwayo uselahliwe, ngokuba engakholwanga egameni leNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Okholwa yiyo akehlulelwa, kodwa ongakholwa, usevele wehlulelwe, ngokuba engakholwanga eNdodaneni kaNkulunkulu ezelwe yodwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Okholwa yiyo akalahlwa, kepha ongakholwayo uselahliwe, ngokuba engakholwanga egameni leNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:18
19 Referans Kwoze  

Okholwa eNdodaneni kaNkulunkulu unobufakazi phakathi kwakhe; ngoba engakholwanga ubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.


Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa; kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.


Ngakho-ke akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu, abangahambi ngokwenyama kodwa ngokukaMoya.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade, akayi ekwahlulelweni; kodwa wedlulile ekufeni wangena ekuphileni.


Onayo iNdodana unokuphila; nongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.


Okholwa eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila; kodwa ulaka lukaNkulunkulu luhlezi phezu kwakhe.


Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu;


Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi, ukuthi uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni, ukuze siphile ngayo.


Ngubani olahlayo? NguKristu owafa, yebo, kakhulu owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, osinxuselayo.


Kodwa lezi zilotshiwe, ukuze likholwe ukuthi uJesu unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu; ukuze ngokukholwa nibe nokuphila ngegama lakhe.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi unokuphila okuphakade.


Le yintando yalowo ongithumileyo, ukuthi wonke obona iNdodana, akholwe kuyo, abe lokuphila okuphakade, lami ngizamvusa ngosuku lokucina.


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


Thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? eyaqala ukukhulunywa yiNkosi, yaqinisekiswa kithi yilabo abayizwayo;


Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;


Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe;


Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Ngakho siyabona ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa.


Futhi yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengalokho wasilaya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite