Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 21:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenzayo, okuthi, uma bezilotshwa zonke ngazinye, ngithi nomhlaba ngokwawo ubungekwazi ukuthwala izincwadi ebezingalotshwa. Amen.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenza; ukuba bezingalotshwa ngayinye, ngithi nomhlaba wonke ungebe nandawo eyanele yokugcina lezo zincwadi ezingase zilotshwe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenzayo, okuthi, uma bezilotshwa zonke ngazinye, ngithi nomhlaba ngokwawo ubungekwazi ukuthwala izincwadi ebezingalotshwa. Amen.

Gade chapit la Kopi




Johane 21:25
12 Referans Kwoze  

Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nemicabango yakho kithi; akunakubalelwa kuwe; kubalwe izinombolo.


Umlomo wami uyakumemezela ukulunga kwakho nensindiso yakho usuku lonke; ngoba izinombolo zayo angizazi.


Bheka, lezi yizingxenye zezindlela zakhe, kepha kuncane kangakanani okuzwiwayo ngaye? kepha ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?


Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi;


Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.


Kukho konke nginibonisile, ukuthi ngokushikashikeka kanje kufanele nisize ababuthakathaka, nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, ukuthi yathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’


Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli.


Futhi phezu kwalokho, ndodana yami, xwayiswa: akukho ukuphela kokwenza izincwadi eziningi; ukufunda okuningi kukhathaza umzimba.


U-Amasiya, umpristi waseBethele, wathumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwakhele indlu yakwa-Israyeli ugobe; izwe alikwazi ukuthwala wonke amazwi alo.


Njalo futhi ngithi kini: Kulula ukuthi ikamela lingene ngentunja yenalithi, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.


Lababekubonile babalandisa ukuthi kwenzeke kanjani kowayekhwelwe ngamademoni nangezingulube.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite