Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 2:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho kubo; basebekholwa umbhalo lelizwi uJesu alikhulumayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ngakho-ke kuthe esevusiwe kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho. Bakholwa ngumbhalo nayizwi uJesu ayelikhulumile.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho kubo; basebekholwa umbhalo lelizwi uJesu alikhulumayo.

Gade chapit la Kopi




Johane 2:22
13 Referans Kwoze  

Lezizinto abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni;


Kepha nginitshelile lezizinto, ukuze kuthi lapho kufika isikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona. Futhi lezi zinto angishongo kini ekuqaleni, ngoba nganginani.


Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa zonke izinto, anikhumbuze konke enginitshele khona.


Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami esihogweni; futhi ngeke uvumele oNgcwele wakho abone ukonakala.


Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshiwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kungidlile.


Ngase ngikhumbula izwi leNkosi ukuthi yathi: ‘UJohane wabhapathiza ngamanzi; kodwa lina lizabhabhathizwa ngoMoya oNgcwele.


Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye.


Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina.


UKristu ubengafanele yini ukuba ahlupheke ngalezizinto, aze angene enkazimulweni yakhe?


UJesu wayesemenyiwe kanye nabafundi bakhe emshadweni.


UNkulunkulu usigcwalisile kithina bantwana babo ngokumvusa uJesu; njengoba kulotshiwe futhi ehubweni lesibili ukuthi: Wena uyiNdodana yami, namuhla ngikuzele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite