Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 17:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJesu wakhuluma lokho, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana yakho ikukhazimulise wena;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJesu wakhuluma lokho; wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UJesu wakhuluma lezi zinto, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile, khazimulisa iNdodana, ukuze iNdodana ikukhazimulise.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 UJesu wakhuluma lokho, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana yakho ikukhazimulise wena;

Gade chapit la Kopi




Johane 17:1
20 Referans Kwoze  

UJesu wabaphendula wathi: “Isikhathi sesifikile sokuba iNdodana yomuntu ikhazinyuliswe.


UNkulunkulu ka-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, uNkulunkulu wawokhokho bethu, uyikhazimulisile iNdodana yakhe uJesu; enamkhaphela nina, namphika phambi kukaPilatu, yena esenqumile ukumkhulula.


(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)


enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.


UJesu esekuzwile wathi: Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungokwenkazimulo kaNkulunkulu, ukuze iNdodana kaNkulunkulu ikhazinyuliswe ngakho.


Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; kwanele; bheka, iNdodana yomuntu iyakhashelwa ezandleni zezoni.


(Ingoma yeziqu.) Ngiphakamisela kuWe amehlo, Wena ohlezi ezulwini.


Balisusa-ke itshe endaweni lapho ofile ayebekwe khona. UJesu waphakamisa amehlo akhe, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile.


UJesu wawakhuluma lawo mazwi ngasebhokisini lomnikelo efundisa ethempelini; ngoba ihola lakhe lalingakafiki.


Base befuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.


Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.


Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga izandla kimi, kepha lesi kuyisikhathi senu, namandla obumnyama.


Kodwa umthelisi emi khatshana wayengathandi lokuphakamisela amehlo akhe ezulwini, kodwa watshaya isifuba sakhe, esithi: Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.


Ngakhala njengenkonjane nenkonjane; ngalila njengejuba; amehlo ami aphelelwe ukubheka phezulu; zenzele mina.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite