Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 16:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngedwa, nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.

Gade chapit la Kopi




Johane 16:32
22 Referans Kwoze  

Vuka, wena nkemba, umelusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti, uthi: ‘Shaya umalusi, izimvu zihlakazeke;


Khona uJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zomhlambi zihlakazeke.


Ongithumileyo unami; uBaba akangishiyanga ngedwa; ngoba mina ngenza njalo okumthokozisayo.


Nokho uma ngahlulela, ukwahlulela kwami kuqinisile, ngokuba angingedwa, kodwa mina noBaba ongithumileyo.


UJesu wathi kubo: “Nina nonke niyakukhubeka ngami ngalobu busuku, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke.


Kepha konke lokhu kwenzeka ukuba kugcwaliseke imibhalo yabaprofethi. Khona bonke abafundi bamshiya, babaleka.


Base bemuka abafundi babuyela ekhaya.


“Lezizinto ngizikhulume kini ngemifanekiso;


Bazalixotsha emasinagogeni; yebo, isikhathi siyeza, lapho wonke olibulalayo uzakuthi ukhonza uNkulunkulu.


Kodwa isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso, ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.


UJesu wathi kuye: “Sifazane, kholwa yimi, isikhathi siyeza, lapho ningayikukhuleka kuBaba kule ntaba, noma eJerusalema.


UJesu wabaphendula wathi: “Isikhathi sesifikile sokuba iNdodana yomuntu ikhazinyuliswe.


Ningamangali ngalokho, ngokuba ihora liyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo;


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo beyakulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu, abezwayo bayakuphila.


Bamshiya bonke, babaleka.


Kodwa uSawuli wayevumelana lokubulawa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaba khona ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya, kwasala abaphostoli.


UJesu wabaphendula wathi: “Niyakholwa manje na?


Wasesithi kumfundi: Khangela unyoko! Kusukela kuleso sikhathi lowo mfundi wamthatha wamyisa kwakhe.


Kwathi sesivalelisane, sangena emkhunjini; babuyela ekhaya futhi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite