Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 16:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Owesifazana nxa ebeletha ulobuhlungu, ngoba ihola lakhe selifikile;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Owesifazane nxa esabeletha, uba lusizi, ngokuba sesifikile isikhathi sakhe; kepha uma esembelethile umntwana, akabe esazikhumbula izinhlungu ngenxa yenjabulo yokufika komntwana emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Owesifazana nxa ebeletha ulobuhlungu, ngoba ihola lakhe selifikile;

Gade chapit la Kopi




Johane 16:21
18 Referans Kwoze  

Wenza umfazi oyinyumba agcine indlu futhi abe ngumama ojabulayo wabantwana. Dumisani uJehova.


Bazakwesaba; omaye nezinsizi ziyakubafica; bayakuba sezinhlungwini njengobelethayo; bayamangala omunye nomunye; ubuso babo buyakuba njengamalangabi.


Ngokuba nxa bethi: Ukuthula nokulondeka; khona-ke ukubhujiswa okuzumayo kubehlele, njengomhelo phezu kowesifazane okhulelweyo; njalo kabayikuphunyuka.


Yiba sezinhlungwini futhi uhehe ukuze ubele, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo; ngoba manje kumelwe uphume emzini uhlale endle, futhi uzoya eBhabhiloni; lapho uyakusindiswa; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.


Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Jabula wena nyumba ongazalanga; gqamuka ukhale, wena ongabhibhiyo, ngokuba abantwana boyisigebenga baningi kunalowo onomyeni.


Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.


Ngakho izinkalo zami zigcwele usizi; imihelo ingibambile njengobelethayo; Ngaphatheka kabi lapho ngiyibona.


Ngaphambi kokuba abelethe, wabeletha; zingakafiki ubuhlungu wabeletha umntwana wesilisa.


Manje ukhalelani ngokuzwakalayo? Ayikho inkosi kuwe? ufile umeluleki wakho na? ngoba usizi lukubambile njengobelethayo.


Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho, ukucabange njengamanzi adlulayo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite