Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele isithelo ngokwalo, ngaphandle kokuthi lihlala emvinini; anisakwazi, uma ningahlali kimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Hlalani kimi, nami kini. Njengokuba igatsha lingezithele izithelo ngokwalo, kuphela uma lisemvinini, kanjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele isithelo ngokwalo, ngaphandle kokuthi lihlala emvinini; anisakwazi, uma ningahlali kimi.

Gade chapit la Kopi




Johane 15:4
29 Referans Kwoze  

Lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.


Ngibethelwe kanye noKristu, nokho ngiyaphila; nokho akumina, kodwa uKristu uphila kimi, nokuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa yiNdodana kaNkulunkulu eyangithandayo, yazinikela ngenxa yami.


Khona uJesu wathi kumaJuda akholwe kuye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili;


Lowo oweqayo, njalo engahlali emfundisweni kaKristu, kalaNkulunkulu; Lowo ohlala emfundisweni kaKristu unabo bobabili uYise neNdodana.


Odla inyama yami, anathe igazi lami, uhlala kimi, nami kuye.


nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.


Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuthi ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.


Kodwa esemhlabathini omuhle, yilabo abathi belizwile izwi, baligcine ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.


Zihloleni nina ukuthi nisokholweni yini; zibonakaliseni nina. Anazi yini ngokwenu ukuthi uJesu Kristu ukinina, uma ningabakwaliwa na?


Ngakho njengalokho namamukele uKristu Jesu iNkosi, hambani kuye;


kubo uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe; onguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Mina ngikubo, lawe ukimi, ukuze bapheleliswe ebunyeni; ukuze izwe lazi ukuthi wena ungithumile, nokuthi ubathandile, njengalokho ungithandile mina.


U-Efrayimi uyakuthi: “Ngihlangene ngani nezithombe na? Ngamuzwa, ngambona: Nginjengomsayiphuresi oluhlaza. Kimi izithelo zakho ziyatholakala.


ukuze uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa; ukuze nina, nigxilile, nisekelwe othandweni;


Owathi efika, esewubonile umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabakhuthaza bonke ukuthi banamathele eNkosini ngokuzimisela kwenhliziyo.


Uma nihlala ekukholweni nisekelwe niqinile, ningasuswa ethembeni levangeli enalizwa, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu; mina Pawulu ngenziwa isikhonzi sakho;


Ngalokho kwathi ngingasenakubekezela, ngathumela ukuba ngazi ukukholwa kwenu, funa mhlawumbe umlingi unilingile, umshikashika wethu ube yize.


Ngubani okhuphuka ehlane futhi encike kusithandwa sakhe? Ngakuphakamisa phansi kwesihlahla sama-apula; lapho unyoko wakuzalela khona; khona wakuzalela owakuthwala.


Kodwa thina asisibo abokuhlehlela emuva ekubhujisweni; kodwa kwabakholwayo kube ngukusindiswa komphefumulo.


“Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi, ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite