Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Ukuba bengingayenzanga imisebenzi phakathi kwabo, engazange yenziwe muntu omunye, ngabe abanasono; kepha manje bayibonile, bangizonda Mina kanye noBaba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

24 Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;

Gade chapit la Kopi




Johane 15:24
36 Referans Kwoze  

UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu na? ongibonile mina umbonile uBaba; usho kanjani-ke ukuthi: Sibonise uYihlo na?


Kepha mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze, yona le misebenzi engiyenzayo, iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.


Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, ningangikholwa;


UJesu wawaphendula wathi: Ngilitshengise imisebenzi eminengi emihle evela kuBaba; Yimuphi kule misebenzi eningikhandela yona na?


Selokhu kwaqala akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe.


Abaningi esixukwini bakholwa kuye, bathi: “Nxa uKristu esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezi azenzileyo lona na?


Yena weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo wena, uma uNkulunkulu engenaye.


Kuthe idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma, izixuku zamangala zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.


Akumelwe uzikhothamele futhi uzikhonze; ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo;


Ziphingi neziphingi, anazi yini ukuthi ubungane bezwe bungubutha kuNkulunkulu? ngakho loba ngubani othanda ukuba ngumngane welizwe uyisitha sikaNkulunkulu.


Abakhapheli, abalukhuni, abakhukhumeleyo, abathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu;


nabahlebayo, abazonda uNkulunkulu, abadelelayo, nabazidlayo, nabazidlayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali,


Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.


Madoda akwa-Israyeli, yizwani lawa mazwi; UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phakathi kwenu ngemisebenzi yamandla, nangezimangaliso, nangezibonakaliso, uNkulunkulu azenza ngayo phakathi kwenu, njengokuba nazi nani ngokwenu;


Ongibonayo mina ubona ongithumileyo.


Kepha ngithe kini: Ningibonile nani, anikholwanga.


Wasesithi kubo: Izinto zini? Basebesithi kuye: EzingoJesu waseNazaretha, obengumprofethi elamandla ngesenzo langelizwi phambi kukaNkulunkulu labantu bonke;


Wasesukuma masinyane, wathatha uhlaka, waphuma phambi kwabo bonke; baze bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, besithi: Kasizange sikubone okunje.


Ngokuba uJohane weza kini ngendlela yokulunga, anikholwanga nguye, kepha abathelisi nezifebe bakholwa nguye;


Izimpumputhe ziyabona, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bayashunyayezwa ivangeli.


Kodwa owona kimi ulimaza umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.


Abazondayo uJehova bebeyakuzithoba kuye, kepha isikhathi sabo siyakuma phakade.


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru;


UJesu wathi kubo: “Uma beniyizimpumputhe, ngabe aninasono; ngakho isono senu sihlezi.


Kepha konke lokhu bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


Uma bengingafikanga ngakhuluma kubo, ngabe abanasono;


Ongizondayo uzonda noBaba.


ngesono, ngoba bengakholwa kimi;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite