Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kepha konke lokhu bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

21 Kepha konke lokhu bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.

Gade chapit la Kopi




Johane 15:21
35 Referans Kwoze  

Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.


Lalokhu bayakukwenza kini, ngokuba bengamazanga uBaba noma mina.


Base bethi kuye: “Uphi uYihlo na? UJesu waphendula wathi: “Anazi mina noBaba; uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba.


Khona bayakunikhaphela osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.


Niyakuyiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


Base bemuka ebusweni bomphakathi bethokoza, ngokuba kwakuthiwe bafanele ukudunyazwa ngenxa yegama lakhe.


wabekezela, wabekezela, ngenxa yebizo lami wakhandleka, kawuphela amandla.


Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;


Phaphamani ekulungeni, ningoni; ngoba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngikhuluma lokhu ukuze libe lenhloni.


Okungekho noyedwa wababusi balumhlaba okwaziyo, ngoba uba babekwazi, ngabe kabayibethela iNkosi yenkazimulo esiphambanweni.


Nanjengalokho bengathandanga ukuba nokwazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni eyonakeleyo, ukuba benze okungafanele;


Ngokuba ngithe ngidlula ngibuka izinto enizikhonzayo, ngathola i-altare elilotshiwe ukuthi: KUNKULUNKULU ONGAZIWAYO. Ngakho-ke lowo enimkhonza ngokungazi, nguyena engimemezela kini.


Ngokuba mina ngiyakumbonisa ukuthi kungakanani omelwe ukuhlupheka ngakho ngenxa yegama lami.


Manje, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenze ngokungazi njengababusi benu.


UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu;


Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.


Othola ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, nolahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana.


Yizwani izwi likaJehova nina enithuthumela ngezwi lakhe! Abafowenu abanizondayo, abanixosha ngenxa yegama lami, bathi: “Makadunyiswe uJehova, kepha uyakubonakala ngokujabula kwenu, bajabhe.


Ngokuba ngithwele ihlazo ngenxa yakho; amahloni amboza ubuso bami.


Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa.


Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, niyiswe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.


Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami.


Kodwa lina kalimazi; kepha mina ngiyamazi; uma ngithi angimazi, ngiyoba ngumqambimanga njengani; kepha ngiyamazi, ngiyaligcina izwi lakhe.


Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga muntu, ngabe bebengenasono;


Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazi ukuthi wena ungithumile.


Kodwa ukuze kungabe kusaqhubeka phakathi kwabantu, kasibasongele ukuthi bangakhulumi kumuntu ngalelibizo.


nalapha unegunya kubapristi abakhulu lokubopha bonke ababiza igama lakho.


Mina-ke ngangicabanga ngokwami ukuthi ngifanele ukwenza izinto ezinengi eziphambene lebizo likaJesu waseNazaretha.


Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sibizwe ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu;


Ngoba ngenxa yebizo lakhe baphuma bengathathi lutho kwabezizwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite