Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 15:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami; njengalokhu nami ngigcinile imiyalo kaBaba, ngihlezi othandweni lwakhe.

Gade chapit la Kopi




Johane 15:10
28 Referans Kwoze  

Uma ningithanda, gcinani imiyalo yami.


Ngokuba uthando lukaNkulunkulu yilokhu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima.


Kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela; ngalokho siyazi ukuthi sikuye.


Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba bebengayazanga indlela yokulunga kunokuba sebeyazi bafulathele umyalo ongcwele abawunikwayo.


Ongithumileyo unami; uBaba akangishiyanga ngedwa; ngoba mina ngenza njalo okumthokozisayo.


UJesu wathi kubo: Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngiqede umsebenzi wakhe.


Ngakho siyanincenga, bazalwane, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, nivame kakhulu kanjalo.


Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.


Kodwa ukuze umhlaba wazi ukuthi ngiyamthanda uBaba; futhi njengoba uBaba engiyalile, kanjalo ngenza. Vukani, sisuke lapha.


Ngokuba angikhulumanga ngokwami; kodwa uBaba ongithumileyo nguyena onginike umyalo, engizakusho, nokuthi ngiyakukhulumani.


Babusisiwe abagcina imiyalo yakhe, ukuze babe negunya emthini wokuphila, futhi bangene emzini ngamasango.


Onemiyalo yami, ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.


Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kodwa ukugcina imiyalo kaNkulunkulu.


Ngokuba umpristi omkhulu onjalo usifanele, ongcwele, ongenacala, ongenabala, owahlukanisiwe nezoni, ophakanyiswe ngaphezu kwamazulu;


INkosi uJehova yavula indlebe yami, futhi angizange ngihlubuke futhi angizange ngibuyele emuva.


Kodwa lina kalimazi; kepha mina ngiyamazi; uma ngithi angimazi, ngiyoba ngumqambimanga njengani; kepha ngiyamazi, ngiyaligcina izwi lakhe.


Akakho ongangamuka mina, kodwa mina ngidela ngokwami. Nginamandla okukubeka phansi, nginamandla okubuye ngikuthabathe; lomlayo ngiwamukele kuBaba.


UJesu waphendula wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina amazwi ami, noBaba uyakumthanda;


Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.


Lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.


OMose no-Aroni benza-ke njengalokho uJehova ebayalile, benze njalo-ke.


Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova, angisukanga kuNkulunkulu wami ngobubi.


Ngokuba wanamathela kuJehova, akaphambukanga kuye, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite