Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 14:27 - Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

27 “Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

27 Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami ngininika khona; angininiki njengokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi;

Gade chapit la Kopi




Johane 14:27
65 Referans Kwoze  

Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.


Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.


Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke ngezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.


Ukuthula kukaNkulunkulu makubuse ezinhliziyweni zenu, enabizelwa kukho futhi emzimbeni munye; futhi nibonge.


Ngokuba uNkulunkulu akasinikanga umoya wokwesaba; kodwa ngamandla, lothando, lengqondo ephilileyo.


UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.


INkosi izakuphakamisa ubuso bayo phezu kwakho, ikuphe ukuthula.


Ngokuba ukunaka kwenyama kungukufa; kepha ukunaka okomoya kungukuphila nokuthula.


Ungabesabi ubuso babo, ngokuba nginawe ukuba ngikusindise,” usho uJehova.


Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini yethu uJesu Kristu.


Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,


UJehova uyakunika abantu bakhe amandla; uJehova uyakubusisa abantu bakhe ngokuthula.


Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu;


Izinhliziyo zenu mazingakhathazeki; kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.


Ngokuba sizalelwe umntwana, siphiwe indodana, nombuso uyakuba sehlombe lakhe, negama lakhe liyakuthiwa oMangalisayo, uMluleki, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.


Akayikwesaba imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, thembela kuJehova.


Ngokuba uma, siseyizitha, sabuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe, kakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana.


Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ukuthula makube kinina, njengalokho uBaba engithumile, nami ngiyanithuma nina.


Ngibeka ithemba lami kuNkulunkulu; angiyikwesaba ukuthi umuntu angangenzani.


Akumelwe wesabe ingebhe ebusuku; noma umcibisholo ondiza emini;


esenze ukuthula ngegazi lesiphambano sakhe, abuyisane ngayo zonke izinto; ngaye, noma kungokusemhlabeni, noma okusezulwini.


kubo bonke abaseRoma, abathandekayo bakaNkulunkulu, ababizelwe ukuba ngabangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


Futhi bonke abantwana bakho bayofundiswa uJehova; futhi ukuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu.


Umusa neqiniso kuhlangene; ubulungisa nokuthula kwangana.


Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


Kungakhathaliseki ukuthi ngesaba kangakanani, ngizothembela Kuwe.


Ngalolo suku kusihlwa, ngolokuqala lweviki, iminyango ivaliwe lapho ababebuthene khona abafundi ngokwesaba abaJuda, uJesu wafika wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.


Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


Ilizwi uNkulunkulu alithumela kubantwana bakoIsrayeli, etshumayela ukuthula ngoJesu Kristu, yena oyiNkosi yabo bonke;


Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathakazelelwayo.


Ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, ukuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.


Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo uMalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esiphakade, iNkosi yethu uJesu Kristu.


INkosi yasisithi kuPawuli ebusuku ngombono: Ungesabi, kodwa khuluma, ungathuli;


Ngakho-ke ningabesabi, ngokuba akukho okumboziwe okungayikwambulwa; lokufihliweyo, okungasoze kwaziwa.


Ngokuba niyakuphuma ngokujabula, niholwe ngokuthula; izintaba namagquma kuyakuqhuma phambi kwenu ngokujabula, nemithi yonke yasendle ishaye ihlombe.


Ihubo likaDavide. UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani? uJehova ungamandla okuphila kwami; ngizosaba bani?


Ungesabi lezinto ozahlupheka ngazo; khangela, uSathane uzaphosela abanye benu entolongweni, ukuze nilingwe; futhi niyakuba nosizi izinsuku eziyishumi: thembeka kuze kube sekufeni, futhi ngizokunika umqhele wokuphila.


UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;


U-Abrahama wamnika okweshumi kwakho konke; okokuqala ngokuthi ngokuhunyushwa iNkosi yokulunga, futhi emva kwalokho futhi inkosi yaseSalema, okungukuthi, iNkosi yokuthula;


Kwathi emva kwezinsuku eziyisishiyagalombili abafundi bakhe bengaphakathi futhi, noTomase enabo; uJesu wafika, iminyango ivaliwe, wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kinina.


Wena-ke, ndodana yomuntu, ungabesabi, ungawesabi amazwi abo, nakuba ukhula oluhlabayo nameva kukhona kuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla emehlweni abo, bayindlu edlubulundayo.


Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi, abakhuluma ukuthula kwabakhelwane babo, kepha kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.


Inkosi uNebukadinesari kubo bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezihlezi emhlabeni wonke; Ukuthula kwandiselwa kini.


Ungakwesabi ukwesaba okuzumayo, nokubhujiswa kwababi lapho kufika.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.


Nabo bonke abahamba ngalo mthetho, makube kubo ukuthula nesihawu, naku-Israyeli kaNkulunkulu.


Ntlo efe le efe eo le kenang ho yona, le qale ka ho re: Kgotso e be tlung ena!


Nguye ozakwakha ithempeli likaJehova; iyakuthwala udumo, ihlale, abuse esihlalweni sayo sobukhosi; uyakuba ngumpristi esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona ukuthula phakathi kwabo bobabili.


Ngiyadala isithelo sezindebe; Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova; ngiyakumphulukisa.


Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza; nokuchichima kokuthula uma nje inyanga.


kubo abangcwele nabazalwane abathembekileyo kuKristu abaseKolose: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.


Kepha ngithi kini bangane bami: Ningabesabi ababulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho.


Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.


UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu, nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke; Ukuthula kuphindaphindwe kuwe.


Bheka, uNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakwethemba, ngingesabi, ngokuba iNkosi uJehova ingamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso yami.


Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Ngiyethemba uJehova; nisho kanjani emphefumulweni wami ukuthi: “Balekela entabeni yakho njengenyoni na?


Uma ethula, ubani ongabanga inkathazo na? uma efihla ubuso bakhe, ngubani ongambona na? noma kwenziwa esizweni noma kumuntu yedwa;


Futhi uwususile umphefumulo wami kude nokuthula; ngikhohlwe ukuchuma.


Uyakwahlulela abantu bakho ngobulungisa, nabampofu bakho ngokwahlulela;


Umbuso kaJehoshafati wawuzola, ngokuba uNkulunkulu wakhe wamnika ukuphumula nxazonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite