Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 14:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba.

Gade chapit la Kopi




Johane 14:12
28 Referans Kwoze  

UJesu waphendula wathi kubo: Ngiqinisile ngithi kini: Uba lilokholo, lingathandabuzi, kaliyikwenza lokhu emkhiwaneni kuphela, kodwa loba lisithi kulentaba: Suka; uphonseke elwandle; kuyakwenziwa.


Lalezizibonakaliso zizakubalandela abakholwayo; Ngegama lami bayokhipha amademoni; bayakukhuluma ngezilimi ezintsha;


Wakwenza lokho izinsuku eziningi. Kepha uPawulu edabukile waphenduka, wathi kumoya: “Ngiyakuyala ngegama likaJesu Kristu ukuba uphume kuyo.” Waphuma ngaso leso sikhathi.


UPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; Wasesukuma masinyane.


Kwaze kwathathwa amaduku nezigqoko emzimbeni wakhe kwabagulayo, izifo zasuka kubo, namademoni aphuma kubo.


Kepha uPetru wabakhiphela phandle bonke, waguqa, wakhuleka; waphendukela esidunjini, wathi: Thabitha, vuka. Yasivula amehlo ayo, yathi ibona uPetro yavuka yavuka.


Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abanabo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa.


Baze bakhiphela phandle abagulayo emigwaqweni, bababeka emibhedeni nasezinhlakeni, ukuze kuthi lapho uPetru edlula, sisibekele abanye kubo isithunzi.


Khona abalamukele izwi lakhe ngokuthokoza babhapathizwa, kwenezelwa ngalona lolosuku abantu abangaba yizinkulungwane ezintathu.


Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda wawungathi izinkulungwane ezinhlanu.


Nokho nginitshela iqiniso; kunilungele ukuba ngimuke, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini.


Ngakho-ke ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuchithile lokhu enikubonayo nenikuzwayo manje.


(Kepha lokhu wakusho ngoMoya ababezakwamukeliswa abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, ngokuba uJesu wayengakakhazinyuliswa.)


Khona uJesu wathi kubo: “Kuseyisikhashana nginani, bese ngiya kongithumileyo.


ngezibonakaliso zamandla lezimangaliso, ngamandla kaMoya kaNkulunkulu; kangangokuthi kusukela eJerusalema nangazungeza kuze kufike e-Iliriku ngishumayele ngokugcwele ivangeli likaKristu.


Lelizwi likaNkulunkulu landa; isibalo sabafundi sanda kakhulu eJerusalema; nesixuku esikhulu sabapristi salalela ukholo.


Besithi: Sizakwenzani kulababantu? Ngokuba isibonakaliso esiphawulekayo senziwe yibo kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema; futhi ngeke sikuphike.


Nizwile ukuthi ngithe kini: Ngiyamuka, futhi ngibuye ngize kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngithé: Ngiya kuBaba, ngokuba uBaba mkhulu kunami.


Ngokuba babezwa bekhuluma ngezilimi, betusa uNkulunkulu. Khona uPetro waphendula wathi:


Abaphostoli bafakaza ngamandla amakhulu ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke.


Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, weza ukuthi mhlawumbe angathola utho kuwo; ngoba isikhathi samakhiwane sasingekafiki.


Lalokhu liqinisile ilizwi elithi: Omunye uyahlanyela, lomunye uyavuna.


Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; uyakuyikhombisa nemisebenzi emikhulu kunale ukuba nimangale.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite