Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 13:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani-ke thandanani.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.

Gade chapit la Kopi




Johane 13:34
38 Referans Kwoze  

nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi.


Ungaphindiseli futhi ungabi namagqubu kubantwana babantu bakini, kodwa kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena. Mina nginguJehova.


Nginiyala lezi zinto ukuba nithandane.


Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe;


Thwalisanani imithwalo yenu, kanjalo nigcwalise umthetho kaKristu.


Futhi yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengalokho wasilaya.


Lomyalo sinawo uvela kuye, wokuthi othanda uNkulunkulu makathande nomzalwane wakhe.


Uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo othi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena, nenza kahle;


Futhi iNkosi yenza ukuba nande futhi kuvame othandweni omunye komunye nakubo bonke, njengoba nje senza kini.


Thandanani okuhle omunye komunye ngothando lobuzalwane; ekuhlonipheni nikhethe omunye komunye;


Manje ngiyakuncenga, nkosikazi, kungengathi ngikulobela umyalo omusha, kodwa lowo esasinawo kwasekuqaleni ukuba sithandane.


Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.


Ngoba yilo umlayezo enawuzwa kusukela ekuqaleni, ukuthi sithandane.


Kodwa umfokazi ohlala kini uzakuba kini njengowokuzalwa phakathi kwenu, njalo umthande njengalokhu uzithanda wena; ngoba naningabafokazi ezweni laseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.


Maluqhubeke uthando lobuzalwane.


Simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani, bazalwane, ngokufaneleyo, ngokuba ukholo lwenu lukhula kakhulu, nothando lwenu nonke ngabanye luyevama;


Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo,


Ekumesabeni uNkulunkulu ububele bobuzalwane; nasethandweni lobuzalwane uthando.


njengoba sezwa ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu, nothando eninalo kubo bonke abangcwele.


Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.


ukuze bonke babe munye; njengalokhu wena, Baba, ukimi, nami ngikuwe, ukuze nabo babe munye kithi, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.


Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo, nowabagcina imiyalo yakho.


Kodwa kwabangcwele abasemhlabeni, lakwabakhulu, engithokoza ngakho konke.


Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nenze okuhle kwabalizondayo, nibakhulekele abaniphatha kabi, banizingele;


Ningakweleti muntu, kuphela elokuthandana, ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.


Uthando kalwenzi okubi kumakhelwane;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite