Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 13:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi sekuzakuba nguMkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi sesifikile isikhathi sakhe sokuba amuke kulo mhlaba aye kuYise, kepha wayebathandile abangabakhe abasemhlabeni kwaze kwaba sekugcineni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Kwathi ungakafiki umkhosi wePhasika, uJesu esazi ukuthi ihora lakhe selifikile ukuthi amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.

Gade chapit la Kopi




Johane 13:1
44 Referans Kwoze  

UJesu wabaphendula wathi: “Isikhathi sesifikile sokuba iNdodana yomuntu ikhazinyuliswe.


Thina siyamthanda, ngoba yena wasithanda kuqala.


Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.


Ngaphuma kuBaba, futhi ngizile emhlabeni;


UJesu ekwazi ukuthi uYise unikele zonke izinto esandleni sakhe, lokuthi uvela kuNkulunkulu, njalo uye kuNkulunkulu;


Ngakho uJesu ekwazi konke okuzakwehlela waphuma, wathi kubo: Lidinga bani?


ozaliqinisa kuze kube sekupheleni, ukuze ningabi-nacala ngosuku lweNkosi yethu uJesu Kristu.


Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owezwe.


UJesu wakhuluma lokho, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana yakho ikukhazimulise wena;


nakuJesu Kristu, ongufakazi othembekileyo, nezibulo kwabafileyo, nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye owasithandayo nowasigeza ezonweni zethu ngegazi lakhe.


Ngokuba senziwe abahlanganyeli bakaKristu, uma sibambelela ngokuqinile ekuqaleni kwethemba lethu kuze kube sekupheleni;


Manje-ke, Baba, ngikhazimulise kuwe ngokwakho ngenkazimulo enganginayo ngikuwe izwe lingakabikho.


Wayesesiza kubafundi bakhe, wathi kubo: “Nisalele manje, niphumule; bhekani, isikhathi sesisondele, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.


Ngakho-ke bophani izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nithembele kuze kube sekupheleni umusa ozolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu;


Sifisa ukuthi yilowo nalowo kini akubonakalise lokho kukhuthala, kube yisiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni.


Kodwa uKristu njengendodana phezu kwendlu yakhe; esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nokuzibonga kwethemba kuze kube sekupheleni.


Qha, kukho konke lokhu singabanqobi ngaye owasithandayo.


Ngibazisile igama lakho, futhi ngizakulazisa ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.


Nizwile ukuthi ngithe kini: Ngiyamuka, futhi ngibuye ngize kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngithé: Ngiya kuBaba, ngokuba uBaba mkhulu kunami.


Lase liseduze iPhasika labaJuda; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule.


Base befuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Khona uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kepha isikhathi senu sihlezi silungile.


Lase liseduze iPhasika labaJuda.


Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga izandla kimi, kepha lesi kuyisikhathi senu, namandla obumnyama.


Kwathi sesifikile isikhathi sokuthi anyuswe, waqinisela ubuso bakhe ukuya eJerusalema.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe. Amen.


UJehova wabonakala kimi kwasendulo, wathi: “Yebo, ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.


UJesu wawakhuluma lawo mazwi ngasebhokisini lomnikelo efundisa ethempelini; ngoba ihola lakhe lalingakafiki.


Thokozani ngengxenye yomhlaba wakhe; intokozo yami yayikubantwana babantu.


Laselisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.


Ngokuba abanye babecabanga ukuthi, ngokuba uJuda wayephethe isikhwama, uJesu wathi kuye: Thenga esikuswele emkhosini; kumbe ukuthi kabele abayanga.


Kodwa ukuze umhlaba wazi ukuthi ngiyamthanda uBaba; futhi njengoba uBaba engiyalile, kanjalo ngenza. Vukani, sisuke lapha.


Emva kwalokho uJesu ekwazi ukuthi zonke izinto seziphelile, ukuze kugcwaliseke umbhalo, wathi: Ngomile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite