Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 10:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Isela kalizi kungengokweba, ukubulala nokubhubhisa. Mina ngize lapha ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Isela alizi kodwa ukweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

Gade chapit la Kopi




Johane 10:10
25 Referans Kwoze  

Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa obekulahlekile.


Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila phakade;


Uma umuntu ezwa amazwi ami, engawakholwa, angimahluleli;


Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu singuye owehla ezulwini, onika izwe ukuphila.


Ngoba uNkulunkulu kayithumanga iNdodana yakhe emhlabeni ukuthi ilahle umhlaba; kodwa ukuze umhlaba usindiswe ngaye.


Likholekile leli zwi, lifanele ukwamukelwa konke, ukuthi uKristu Jesu weza ezweni ukusindisa izoni; engiyinduna yabo.


Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indlela, lowo ulisela nomphangi.


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza, nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.


Ngakho unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubakhulekela.


Yebo, bayizinja ezihahayo ezingenakusutha, futhi bangabelusi abangaqondi; bonke babheka endleleni yabo, yilowo nalowo ukuze azuze, endaweni yakhe.


Ngoba ngokunjalo lizaphiwa ngokwengezelelwa ukungena embusweni waphakade weNkosi yethu loMsindisi uJesu Kristu.


Ngakho uNkulunkulu, ethanda kakhulu kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso ukungaguquleki kwecebo lakhe, wakuqinisa ngesifungo;


Kodwa maye kini, babhali labaFarisi, bazenzisi! ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu, ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukuba bangene.


Ngakho-ke wena ofundisa omunye, awuzifundisi wena na? wena oshumayela ukuthi umuntu angebi, uyeba na?


Lapho ngifuna ukuphulukisa u-Israyeli, ububi buka-Efrayimi babonakaliswa nobubi baseSamariya; ngoba benza amanga; isela liyangena, neviyo labaphangi liphanga ngaphandle.


Xwayani ukuba ningadeleli noyedwa walaba abancinyane; ngokuba ngithi kini: Izingelosi zabo ezulwini zibona njalo ubuso bukaBaba osezulwini.


Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi.


Wakusho lokho kungesikho ukuthi wayekhathalela abampofu; kodwa ngoba belisela, liphethe isikhwama, lithwala okufakwe kuso.


Wasesithi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka; kepha nina niyenze umhume wabaphangi.


Kodwa anithandi ukuza kimi, ukuze nibe nokuphila.


Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu.


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukusindisa okulahlekileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite