Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 10:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indlela, lowo ulisela nomphangi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UJesu wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa oweqa uthango, afohle, uyisela nomphangi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

1 Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indlela, lowo ulisela nomphangi.

Gade chapit la Kopi




Johane 10:1
28 Referans Kwoze  

Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.


Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi.


Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa hlolani omoya ukuthi bangabakaNkulunkulu yini; ngokuba baningi abaprofethi bamanga abaphumele ezweni.


Akakho ozithathela lolu dumo, kuphela obizwe nguNkulunkulu njengo-Aroni.


Ngokuhaha bayakunenza ngamazwi obuqili; ukwahlulelwa kwabo kwakudala akulibali, nokubhujiswa kwabo akozeli.


Kepha kwakukhona nabaprofethi bamanga phakathi kwabantu, njengokuba naphakathi kwenu kuyakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso ezibhubhisayo, bephika neNkosi eyabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo.


Okuyinsindiso abaprofethi abayifunisisa, bayihlolisisa, abaprofetha ngomusa owawuzakuza kini;


“Bheka, ngimelene nabaprofetha amaphupho amanga,” usho uJehova, “bawatshele, badukise abantu bami ngamanga abo nangenkohliso yabo; kodwa angibathumanga, futhi angibayalanga; ngalokho abayikubasiza laba bantu nangayiphi indlela,” usho uJehova.


Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle!


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.


Angibathumanga abaprofethi, kodwa bagijima; angikhulumanga kubo, nokho baprofetha.


abamelwe ukuvalwa umlomo, abachitha izindlu ziphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha egameni lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe; Labo baprofethi bayoqedwa ngenkemba nangendlala.


Bayogijima baye ngapha nangapha emzini; bagijima odongeni, bakhwela ezindlini; bayakungena ngamafasitela njengesela.


Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite