Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 1:51 - Contemporary Zulu Bible 2024

51 Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakubona izulu livulekile, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

51 Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla phezu kweNdodana yomuntu.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

51 Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

51 Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakubona izulu livulekile, nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka zehla phezu kweNdodana yomuntu.

Gade chapit la Kopi




Johane 1:51
55 Referans Kwoze  

Waphupha, bheka, kwakumi isikhwelo emhlabeni, isihloko saso sifinyelela ezulwini; futhi bheka, izingelosi zikaNkulunkulu zenyuka phezu kwawo futhi zehlela phezu kwawo.


Wathi: “Bheka, ngibona amazulu evulekile, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.


Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini imqinisa.


Njalo kwahle kwaba khona kanye lengilosi ixuku lebutho lasezulwini, lidumisa uNkulunkulu, lisithi:


UJesu wathi: “Nginguye. Niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza ngamafu ezulu.


Wathi ekhuphuka ephuma emanzini, wabona izulu livulekile, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba.


UJesu esebhapathiziwe wahle wakhuphuka emanzini;


Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu, ngenyanga yesine, ngolwesihlanu lwenyanga, ngiphakathi kweziboshwa ngasemfuleni iKebari, lavuleka izulu, ngabona imibono kaNkulunkulu.


Wabona izulu livulekile, nesitsha esithile sehlela kuye, njengendwangu enkulu, eboshiwe emagumbini omane, yehliselwa emhlabeni;


Kwathi sebebhabhathiziwe abantu bonke, uJesu laye esebhabhathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka;


USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.


Ngabona izulu livulekile, bheka, ihhashi elimhlophe; nohlezi phezu kwalo ubizwa ngokuthi, oThembekileyo noQinisileyo, futhi ngokulunga uyahlulela, enze impi.


Emva kwalokho ngabona, bheka, umnyango uvuliwe ezulwini, nezwi lokuqala engalizwayo lalinjengelecilongo likhuluma nami; lathi: Yenyukela lapha, ngizakutshengisa okuzakwenzeka emva kwalokhu.


Nakini enihluphekayo, niphumule kanye nathi, lapho iNkosi uJesu yambulwa ezulwini inezingelosi zayo ezinamandla;


Bheka, ingelosi yeNkosi yaba phezu kwabo, nenkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke, besaba kakhulu.


Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?


Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.


Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indlela, lowo ulisela nomphangi.


Kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.


Nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo sobukhosi.


Naye u-Enoke, owesikhombisa kusukela ku-Adamu, waprofetha ngalaba, wathi: “Bheka, iNkosi iyeza nezinkulungwane eziyishumi zabangcwele bayo.


abayakujeziswa ngokubhujiswa okuphakade basuke ebusweni beNkosi nasenkazimulweni yamandla ayo;


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza; nemikhulu kunale uyakuyenza; ngoba mina ngiya kuBaba.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi unokuphila okuphakade.


Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo;


INdodana yomuntu iyamuka njengokulotshiweyo ngayo, kepha maye kulowo muntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! ngabe kwaba kuhle kulowomuntu ukuba wayengazalwanga.


Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe: Usemusha, wawuzibhinca, uhambe lapho owawuthanda khona; hhayi.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akubona ukufa naphakade.


UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.


UJesu waphendula wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Ngaphandle kokuthi umuntu azalwe ngamanzi langoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile, kepha izwe liyakujabula;


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo; futhi othunyiweyo mkhulu kunalowo omthumileyo.


Khona uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.


UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma ningayidli inyama yeNdodana yomuntu, niphuze igazi layo, aninakuphila kini.


Uyinikile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza;


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.


Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.


UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda.


Vuka, wena nkemba, umelusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti, uthi: ‘Shaya umalusi, izimvu zihlakazeke;


Ngalolosuku kaliyikungibuza lutho. Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kini: Noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona.


UJesu wamphendula wathi: “Uyakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Iqhude aliyikukhala, uze ungiphike kathathu.


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: U-Abrahama engakabi khona, mina ngikhona.


UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.


UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Aningifuni ngokuba nabona izibonakaliso, kodwa ngokuba nadla izinkwa nasutha.


UJesu waphendula, wathi kuye: Uyakholwa ngokuba ngithe kuwe ngikubone uphansi komkhiwane? uzabona izinto ezinkulu kulalezi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite