Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 1:41 - Contemporary Zulu Bible 2024

41 Yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya,” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

41 U-Andreya waqala wafumana umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simtholile uMesiya,” okungukuthi uma lihunyushwa, uKhristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

41 yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.

Gade chapit la Kopi




Johane 1:41
21 Referans Kwoze  

Owesifazane wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uMesiya uyeza, othiwa uKristu;


UFiliphu wafumana uNathanayeli, wathi kuye: “Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.


Ngifumene inceku yami uDavide; Ngamgcoba ngamafutha ami angcwele.


Ukuthi uNkulunkulu wamgcoba kanjani uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza okuhle, ephulukisa bonke ababecindezelwe nguSathane; ngoba uNkulunkulu wayelaye.


Naye weza ngaso leso sikhathi, wayibonga iNkosi, wakhuluma ngayo kubo bonke ababebheke ukukhululwa eJerusalema.


Sebekubonile balandisa izwi ababelitshelwe ngalo ngomntwana.


Ngokuba isibili uHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli babuthana ndawonye ngokumelene neNdodana yakho engcwele uJesu owamgcobayo;


UMoya kaJehova uphezu kwami; ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabathotshisiweyo; Wangithuma ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa itilongo;


UMoya kaJehova uyakuba phezu kwakhe, uMoya wokuhlakanipha nowokuqonda, uMoya weseluleko nowamandla, uMoya wokwazi nowokumesaba uJehova;


Uthanda ukulunga, uzonda ububi; ngalokho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabangane bakho.


Amakhosi omhlaba azilungisile, nababusi benza icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe, bathi:


Base bethi omunye komunye: “Akusihambi kahle; lolu suku lungusuku lwezindaba ezinhle, kepha sithule; uma silibala kuze kuse, ububi buyasehlela; woza manje, ukuze sihambe sitshele abendlu yenkosi.


Lokho esikubonileyo nesikuzwileyo siyakumemezela kini, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi;


Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite